IZIMPUKANE ZITHI UZOSHADA NESOKA AKHULA NALO OWEMAFIKIZOLO
IKHULUNYELWA emakhokheni indaba yomshado womculi uNhlanhla Mafu ocula eqenjini iMafikizolo emuva kokuba efake umbhalo ekhasini lakhe ezinkundleni zokuxhumana ngoMsombuluko ethi uzoshada okwesibili. Ubhale ukuthi, “Abasekho babili kodwa sebenyamanye. Ngakho okuhlanganiswe uNkulunkulu ngeke kwehlukaniswe muntu”, kubhala yena.
Ube esefaka usuku ekugcineni kwalo mbhalo oluthi, “04.10.24” ngaphambi kokufaka ikhanda lomuntu ongumakoti nomkhwenyane kanye nendandatho.
Abaningi basazibuza ukuthi ngabe ubani leli soka elizoshada nalo mzwilili oke washada nonobhala we-ANC eGauteng uThembinkosi ‘TK’ Nciza ngo-2004.
Uthole izingane ezine noNciza. Ngo-2015 umshado wabo uphelile, kwathi ngo-2017 babuye bawuvuselela ngeshwa emuva kweminyaka emibili bewuselele wabe usuhlakazeka unomphelo.
Umthombo okhulume neziko lezindaba udalule ukuthi ngoZibandlela 2022, uNhlanhla uke wafaka isithombe sikakhisimuzi ebesinomndeni wakhe ezinkundleni zokuxhumana. Noma sasingacacile kahle njengoba kunabantu ayefihle ubuso babo kodwa okwavela ukuthi kuso kwakuno-Jerry abazana aye kusukela kudala, ebusheni babo.
Kuthiwa laba bobabili bakhule ndawonye eKagiso, eMogale City kanti izimpukane zithi uyena ozofaka uNhlanhla indandathatho.
U-JERRY UBEGQUGQUZELA UNHLANHLA UKUTHI APHUME KUMAFIKIZOLO
UMKHAYA uthole ukuthi u-Jerry ubegqugquzela uNhlanhla ukuthi aphume eqenjini iMafikizolo ukuze acule yedwa, nokuyinto ecasule abalandeli abaningi baleli qembu njengoba bekubonakala sengathi unenhloso yokulihlakaza.
Umthombo okhulume neziko lezindaba elibhala ngezikaqedisizungu iZimoja uveze ukuthi besekuthi uma beyonandisa emicimbini, uNhlanhla ahambele kude. “Uyazihlusa, uvele ahlale emotweni yakhe uma siqeda ukunandisa. Kokunye asheshe ahambe. Akuye uNhlanhla esimaziyo lona. Useziphathisa okukasaziwayo ngisho kithina”, kusho umthombo.
Okunye kuthiwa u-Jerry useke wazwakalisa ukungenami ngokuthi umdansi weMafikizolo, u-Cedric odume ngelikaTsonga Boy uthole uxhaso lwemoto kwabakwa-BMW. Sishubile isimo phakathi kwabo kangangokuthi ngolunye usuku baze babambana ngezandla, kwaswelakala ozogadla.