EZISEMATHENIIzindaba

U-PENNY NTULI UBUYELA EMOYENI EMUVA KOKUXINWA UKUGULA

ISILOMO somsakazi weJozi FM, u-Penny Ntuli sibuyele ohlelweni lwaso namuhla [ngoMsombuluko] olungena phakathi nesonto emuva kokuxinwa ukugula okusolwa ukuthi kubangelwe amakhaza. u-Penny ungomunye wabantu abavaleleka emgwaqeni u-N3 ngase-Mantrose mawubheke e-Free State noma KwaZulu-Natali ngesikhathi kumboze iqhwa elaholela ekubhajweni kwenqwaba yezimoto.

Ikhasi lo msakazo ku-Facebook iJozi libhale ekhasini ukuthi u-Penny uyabuyela emsakazweni namuhla. “Uyabuya u-Penny Ntuli emoyeni. Uzohlala nawe zonke izinsuku phakathi nesonto kusukela ngelesi-9 kuya kwelesi-12 emini”, kusho umbhalo ekhasini lalo msakazo.

U-Penny wenza uhlelo i-Mid-Morning Chat kulo msakazo osakazela eDube eGoli, ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu phakathi kwehora lesi-9 ekuseni kuya kwelesi-12 emini. Uqale ukusebenza kuJozi FM ngoNhlaba emuva kokulaxaza iGagasi FM ngoba engazwananga nomphathi wakhe u-Ayanda Melansi ngomholo ongu-R2 800 ayezowuhola ngenyanga.

Abalandeli bakhe bajabule kakhulu ukuzwa izindaba zokuthi intandokazi yabo ibuyela emoyeni. USbo Fown Heaven ubhale okusankondlo ekhombisa intokozo yakhe:

“Yangena inkosazane yeqhwa ezinye kuzinkosazane zamanzi!,
Umanikela nge-update ku-N3,
Lasho ngaphakathi i-N3 Elihle, uMphemba owaphemba amaqhwa kuzifundazwe i-KZN, Eastern Cape kanye ne-Free State,
Iqanda lesizwe, iqanda lase-Natal,
Ngithi mthinte phela uzokubona okwakhweza ikati emthini,
2.8 inamba encane eyamsusa e-Natal yamyida eJozi!,
Bathi uyabanda-snow white kodwa hhayi yonke indawo!,
IsiZulu asitolikwa, ungangibuzi!
Bathi emakhazeni usu-qualified kusebenza khona,
Bathi kwi-ice cage usu-qualified kuphila khona,
Waphenduka-ice cream, wafa ukukhothwa!!!”

U-Penny kanye nayehamba nabo bahlale izinsuku ezimbili emgwaqeni u-N3 beququdwa amakhaza, emuva kwalokho uphuthunyiswe esibhedlela lapho abelulamela khona.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.