KUVALEKE ISAHLUKO KUSHONA OWAYEYILUNGU LE-CHISKOP
KULOKHU kuqhubekile ukushona kwamaciko njengoba sekushone uSimphiwe Sibisi obedume ngelika-General futhi eyilungu leqembu elalishisa izikhotha emculweni weKwaito eminyakeni edlule, i-Chiskop. U-General ushone esesibhedlela i-Baragwanath Hospital eGoli ngeSonto emuva kokuguliswa isifo somdlavuza wamathumbu.
Kuthiwa lo mculi oneminyaka engamashumi amane nesishiyagalolunye (49) ushona nje ubesanda kuhlizwa njengoba bekuqhubeka uhlelo lokumelapha.
U-General bese kunguyena kuphela obesaphila kumalungu eqembu i-Chiskop elalishisa izikhotha ngeminyaka yama-90’s. Ufakwe esibhedlela, wahlala isikhathi esincane kanti uzoficwa ukufa njengoba isifo somdlavuza wamathumbu bese kunesikhathi simphethe. Ngosuku ashone ngalo ubekade ehlinzwa ekuseni, namalungu omndeni wakhe ekhona. Kuthe emini wamelwa inhliziyo, kwaphela kanjalo ngempilo yakhe.
Indodakazi yakhe uZamokuhle Sibisi-Mguli ukhulume neziko lezindaba ngobuhlungu obubehlele njengomndeni. “Besingakulindele lokho. Ubesanda kuhlinzwa nje khona namuhla ekuseni, kwathi emini satshelwa ukuthi akasekho. Kuthiwa uvele wamelwa inhliziyo ngesikhathi thina sizatshela ukuthi uzoba ngcono”, kusho yena.
I-Chiskop yaqalwa ekupheleni kwama-80’s ngoMduduzi “Mandoza” Tshabalala, Sizwe “Lollipop” Motaung, Sibusiso “SB-Bless” Thenjekwayo naye u-General. Leli kwaba elinye lamaqembu acaba indlela yokugqama komculo weKwaito ebalazweni lomculo kuleli. Izingoma abaduma ngazo ezithi Abasazi, Klaimer, Abantwana.
Ukushona kuka-General bese kuvala isahluko saleli qembu njengoba bese kuwuyena kuphela ophilayo kwabalisungula. Umndeni ngomlomo kaZamokuhle ucele ukunikwa ithuba lokuzila. Uthe kungalindelwa izimemezelo ezehlukene ezinsukwini ezilandelayo.