Imibono

IPOLITIKI IYADINGA UKUTHI UBE IPHIXIPHIXI

IPOLITIKI ingumsebenzi onzima impela uma ubuka izinto ezenziwa ngosopolitiki ukuze abantu bengeke bakhohlwe ngabo. Ingakho ngithi kuyadingeka ukuthi ube ngumuntu oyiphixiphixi uma ufisa ukuba ngusopolitiki ophumelelayo. Okungenza ngisho lokhu indlela iqembu i-Action SA elikhethe ukudunusa lisuzele ngayo abalandeli balo abalivotela ngoba libathembise ukuthi ngeke lasebenzisana ne-African National Congress.
Kubukeke itshe Ligaya ngomunye umhlathi manje njengoba leli qembu lilaxaze i-Democratic Alliance lakhetha ukusebenzisana nayo i-ANC kumasipala iTshwane. Into evele ibonise ngokusobala ukuthi lesi sinqumo asikho mayelana nokucabangela amalungu nabalandeli baleli qembu okushiwo umengameli walo leli qembu kwabezindaba.

Umholi waleli qembu uMnu. Herman Mashaba ukuvumile ukuthi i-Democratic Alliance yenze umsebenzi oncomekayo eTshwane. Ube esekubalula ukuthi leli qembu ulilaxaze ngenxa yezindaba zokungaboni ngaso linye nalo. Lokhu kusikhombisa ngokusobala ukuthi i-Action SA ayibanga nandaba nabalandeli bayo kulesi sinqumo, kuphela nje isilwela izimpi zayo zezepolitiki.

Okubuhlungu ngakho konke lokhu ukuthi izakhamizi zaseTshwane zizohlukumezeka njengoba kubukeka zingeke zizithole izidingongqangi ezavotela ukuthi zizithole.

Okufanele sikufunde kulokhu ukuthi osopolitiki abanandaba nemiphakathi kodwa banendaba nomcebo kanye namandla. Eyokuletha izidingo kubantu into abangayicabangi nokuyicabanga ngoba bona abakufunayo ukuzicebisa bona.

Ubuphixiphixi balabo sopolitiki yikho okwenza imiphakathi izithole iphila impilo yokwazi ukuthi kufanele ikhonze bona osopolitiki kunokuthi osopolitiki kube yibo abakhonza futhi abahlonipha amalungu omphakathi.

*USandile Khumalo ungumbhali wezincwadi zesiNguni, intatheli ezimele futhi wenza izifundo zobuntatheli e-Wits University

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.