‘UMZAMBIYA’ UPHOSA ITHAWULA EMCULWENI
UMCULI weKwaito obeshisa izikhotha eminyakeni edlule, uNkosinathi Zwane odume ngegama likaMzambiya usememezele ukuthi uyawuyeka umculo. Uthe lesi isinqumo asithathe ngoba esefuna ukugxila kwezinye izinto empilweni.
Kuzokhumbuleka ukuthi eminyakeni embalwa edlule lomculi obevame ukubonakala nesinye isihlabani esasiwuntanga yakhe, uMsawawa uke wamemezela ukuthi useyalishintsha igama abebizwa ngalo elithi Mzambiya kodwa usefuna ukubizwa ngelithi Zikode (okuyisithakazelo sakwaZwane).
Ngesikhathi esefuna ukubizwa ngoZikode ubekade eqeda ukwenza ingoma ethi Tot Tot Tot ebididiyelwa u-DJ Cleo. Ngaleso sikhathi uthe igama elithi Mzambiya isidlaliso segama laselokishini akhula kulo iZola. Ngo-2004 ukhiphe i-album ebinesihloko esithi Zikode ebididiyelwe u-Godfrey Guffy Pilane ebidle kakhulu ngokuzwakala ezihasha ngezibongo zakubo kwaZwane.
“Angiseyona ingane manje. Ngesikhathi uBhut Oscar Mlangeni we-Bulldawgz Entertainment engithola ngangiyingane. Namuhla ngiyindoda yomuzi futhi kufanele indodana yami isazi isibongo sakubo esithi Zwane nesithakazelo sayo esithi Zikode”, kusho yena ngaleso sikhathi.
UNkosinathi uke wathandana nentokazi athole nayo ingane uKefiloe kodwa babuye bahlukana. Emuva kwalokho uthandane noNomfundo Biyela odume ngelikaNono. Nokho laba bebekuphika ukuthi basebudlelwaneni bothando yize bebebonakala bethwebule ndawonye izithombe futhi bejabulile.

Isithombe: UNkosinathi Zwane noNomfundo Biyela
Umemezela ukuthi uyawushiya umculo nje, abaningi bebezitshela ukuthi vele kade washiya kwazise ubengasezwakali kakhulu. Nokho uke wathi ukubuya esewumuntu owenza i-Hiphop lapho enze khona i-single ethi iMoto kaShukela.
Uveze ukuthi nakuba eseyeka ukucula kodwa inkampani yakhe i-Earth Nature Records izoqhubeka nomsebenzi wayo wokuqopha.
“Emuva kokucabanga kabanzi, senginqume ukuthi ngithathe enye indlela manje futhi ngibheke amanye amathuba amasha. Kodwa inkampani yami i-Earth Nature Records izoqhubeka nokuqopha futhi ikhiphe umculo njengoba ngangithembisile.
Ubonge kakhulu abalandeli bakhe abebemeseka ngesikhathi enza umculo yonke leminyaka edlule kusukela engena endimeni yomculo. “Ngifuna ukubonga kakhulu abantu abangisekile yonke leminyaka, kusukela ngingena emculweni ngo-2000 kuze kube manje. Ngifunde lukhulu ngalo mkhakha kaqedisizungu. Ngiyabonga kakhulu ngokungeseka nokungiqonda”, kusho yena.