Izindaba

UMUSA MTHOMBENI UGXEKWE NGOKWENZA IHLAYA NGESIMO EBESINZIMA KU-N3

OWAYENGUMETHULI wezinhlelo zojahidada kumabonakude, uMusa Mthombeni ugxekwe kakhulu ngokwenza ihlaya isimo esithwalise kanzima abantu abaningi abebebhajwe emgwaqeni u-N3 ngase-Mantrose ngenxa yeqhwa. Lo saziwayo unameke umbhalo ohambisana nesithombe ekhasini lakhe ezinkundleni zokuxhumana lapho efake khona isithombe sakhe enomkakhe bephethe i-board lokushwibeka eqhweni.

Abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana kubacasulile lokhu njengoba bebethi lesithombe usifake ngesikhathi esingesihle.

Nokho ugcine esikhiphile lesithombe ngenxa yengcindezi emuva kokugxekwa zinkalo zonke. Umbhalo obuhambisana nalesithombe ubuthi: “Simatasa siyazilungiselela futhi sesimi ngomumo ukumela elaseNingizimu Afrika ku-2026 Winter Olympics”.

Uma uqhubeka lo mbhalo wakhe uthi: “Siyezwa ukuthi kunenkinga e-Free State futhi abanye benu kubaphoqe ukuthi belale ezimotweni futhi bechame kuthelawayeka womgwaqo.

“Ukuba beniphathe amabhodi enu okushwibeka ngabe nikahle. Kodwa-ke, thokozelani impelasonto futhi nigweme ukuvakashela ngenxa yesimo sezulu”, kusho yena.

Kusenjalo kunemibiko ethi umsakazi weJozi FM, u-Penny Ntuli naye obevaleleke kulesa simo sangempelasonto futhi obelokhu azisa abalandeli bakhe ukuthi kwenzalakani emgwaqeni ungenwe isifo i-hypothermia, esidalwa ukungenwa kakhulu amakhaza.

Ngokwemibiko esabalele kwabezindaba babili abadlule emhlabeni ngenxa ye-hypothermia emuva kokuvalelwa iqhwa emgwaqeni u-N3 ngempelasonto.

U-Penny nomngani wakhe bavaleleke ngoLwesihlanu besuka eGoli belibangise eThekwini engcwabeni obuzoba ngempelasonto.

Abaningi ezinkundleni zokuxhumana bese bethukile emuva kwemibiko ebiqagula ukuthi u-Penny useshonile.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.