Imibono

UMKHAYA UBAMBE IQHAZA ELIKHULU EKUQWASHISENI NGESIMO SEZULU

UMKHAYA njengombiki wezindaba ubone kunesidingo sokuthi ubhalele abafundi bawo isimo sezulu zonke izinsuku phakathi nesonto. Ukushintsha kwesimo sezulu kuyasithinta singabantu ngaso sonke isikhathi futhi kuba nomthelela ongemuhle uma kungekho ukuqwasha ekuthini kungalindelwani.

Thina njengoba singebona ongoti besimo sezulu, asingeni kakhulu ekutheni izimo ezithile zibangelwa yini kodwa sithola ulwazi kwizizinda eziqukethe konke ngesimo sezulu bese siludlulisa ngendlela ezokwenza abafundi bethu beqonde kalula ngokuzokwenzeka.

Abantu abaningi baphuma emakhaya ekuseni beyosebenza emadolobheni ehlukene okusuke kunezimo ezihlukile zezulu kunalapho abasuka khona ngakho kunesidingo esikhulu ukuthi thina esibika izindaba futhi ezixhumana nabantu nsuku zonke sibambe iqhaza ekuqwashiseni ngaso isimo sezulu. Lokhu kuba nomthelela omuhle njengoba abantu, ikakhulu abasilandelayo bekwazi ukuhlomela zonke izimo zalapho abaya khona. Nokuyinto engagwema ukungena ebungozini ngesikhathi sezinhlekelele.

Abafundi bethu bayasithakasela isimo sezulu esibafakela noma sazi ukuthi kusuke kuwukubikezela ngokuqaguliwe okungenzeka kushintshe kodwa kuyalekelela ekuthini kube nokuzihlinzeka ngokokuzivikela.

Bakhona-ke labo ababona imibiko yesimo sezulu kepha beyishaye indiva. Isibonelo ngesalokhu okwenzeke ngempelasonto yomhlaka 21-22 Mandulo (September) 2024, laphaya emgwaqeni u-N3 maqondana ne-Mantrose mawubheke e-Free State noma KwaZulu-Natali lapho obekumboze khona iqhwa indawo yonke.

Lesi simo besibikiwe ezinkundleni eziningi kepha kunabantu abakhethe ukungasinaki ngenxa yezizathu zabo esingazazi. Kubalulekile ukuba kekuqhanyukwe nezindlela ezingenza abantu bayithathele phezulu imibiko yesimo sezulu.

Ukubika ngayo ezinkundleni zokuxhumana enye yezindlela okungagxilwa kuzona ngoba abantu bayahlala kakhulu kulezi nkundla futhi yizo abafinyelela kuzona kalula kunamaphephandaba nemisakazo.

Thina kuMKHAYA sisebenzisa iqhinga lokuthi kube yinto esibavusa ngayo ekuseni abafundi bethu ukuze bethi bephuma bebe sebazi ukuthi kumele bezihlinzeke kanjani kulesimo sezulu esiguquka usuku nosuku.

Okunye uma kungatshalwa imali kubabiki bezindaba (journalists), abaqambi bengqikithi (content creators) lapha ezinkundleni zokuxhumana ekuthini benze imikhankaso yokuqwashisa abantu ngesimo sezulu nokubaluleka kokuthi benake imibiko ekhishwayo kungalekelela kakhulu.

Uhulumeni uneqhaza elibalulekile okufanele ulidlale kukho konke lokhu, ngoba abantu bathembele kuye uma kuziwa kwinhlalonhle yomphakathi nokugwema izimo ezingabhebhezela isibhicongo uma kunezinhlekelele. Uma seziphumile izexwayiso ngesimo sezulu kumele uhulumeni aqikelele ukuthi okuxwayiswe ngakho naye ukuhlomele. Uma kuthiwe kuzoba nemvula neqhwa ezindaweni ezithile okungaphazamisa ukuhamba emigwaqeni, kulindeleke ukuba umnyango wezokuthutha uvale imigwaqo ezindaweni lezo ezizothinteka ukuze kugwenywe isinyokotho esizodalwa ukubhajwa kwezimoto ngenxa yeqhwa.

Kuhle futhi ukufunda kwamanye amazwe ukuthi wona enze njalo uma ebhekene nezimo ezithile ezidalwa izinhlekelele.

Lapha kuMKHAYA siphinde sine nababhali futhi abasibhalalelayo abathinta izihloko ezehlukene. NgoMsombuluko mhlaka-23 Mandulo 2024, uMnuz. Sandile Khumalo obhala ngaphansi kwengosi ethi Sikleza Kogwansile ubhalile lapho abeluleka khona ukuthi isehlo esenzeka ngalempelasonto esibhale ngayo ngenhla kumele sisifundisele ikusasa.

UMtungwa ubeke amaphuzu okugwema, ukuqwashisa kanye nokuphendula ngokushesha kwizinhlekelele njengento engaba nomthelela omuhle.

Singasho singangabazi ukuthi UMKHAYA ubambe elikhulu iqhaza ekuqwashiseni nasekusabalaliseni ulwazi ngezinto ezithinta izinhlekelele asigcini nje kuphela ngokubika izindaba.

*Ungaxhumana nomhleli kuleli kheli le-email: editor.umkhaya@gmail.com noma ku-Whatsapp [0795239786]

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.