Imibono

UKWEMUKELA USHINTSHO KUYASIKHULISA

KUYINYANGA yamagugu ngithanda kubingelela ngelithi uBuntu abande ebantwini. Ngifisa ukudlulisa amazwi enduduzo emindenini ethintekile ngenxa yesimo sezulu ebesihambisana nonqoqwane, nokuholele ekutheni kube khona abedlulayo emhlabeni ngenxa yokuzwela kakhulu amakhaza. Ngiyethemba ukuthi nemigubho ihambe kahle ikakhulukazi lowo obukwaDukuza ngoLwesibili.

Namuhla ngifisa ukukhuluma ngokubaluleka kokwemukela ushintsho. Kuyenzeka kube wushintsho ongahambisani nalo futhi olubuhlungu. Kunezinto empilweni ongeke ukwazi ukuzishintsha ngenxa yezizathu ezithile kodwa okufanele uphile nazoke. Into esuke ibaluleke kakhulu lapho ukwemukela bese ukhulekela amandla okumelana naleso simo. Ushintsho luletha itwetwe nongabazane. Kuba nemicabango eminingi efika emqondweni igcine yakha izithombe ezithile okwenzekayo zingabi yiqiniso.

Lokho kuyimvelo ngoba singabantu. Kwesinye isikhathi size sithathe izinqumo ngento esingenaqiniso layo. Ake ucabange uma kungathiwa usuzoba nomphathi omusha. Okanye kuthiwe hamba uyosebenzela kwenye indawo. Noma nje kuthiwe hlukana nomakhalekhukhwini inyanga yonke. Uyabona lezozinto ukuthi zingake zithi ukunyakazisa umoya wakho.

Kunezinto ezazingenzeki esikhathini esiphambilini kodwa ziyenzeka manje futhi kumele siphile nazo. Ushintsho kumele silwejwayele ngoba asiphili sodwa lapha emhlabeni. Uma sisaphila nabanye nabantu kumele semukele ukuthi Izinto ziyohlale ziguquka. Lokho kwenziwa ukuthi asicabangi ngokufana futhi amandla kawalingani. Isikhathi sinamandla okuguqula imithetho nendlela yokuphila.

Empilweni lukhona ushintsho ongalwisana nalo lukhona futhi okufanele ulwemukele ukuze uphile. Kuyinselelo yethu sonke ukuhlaziya semukele ushintsho singalwesabi. Ushintsho luza nokukhula ngoba luyawelula umqondo. Uma imiqondo yethu siyicija ngendlela yokuthi ikwazi ukukhiqiza amasu angasisiza ukusingatha ushintsho singakwazi ukumelana nalo siphile.

Kubalulekile ukuthi ucabange ngokushesha, ubheke ukuthi yini ezokusiza ukumelana noshintsho. Yemukela bese ufuna okungasebenzela wena kulesosimo.

Emhlabeni ayikho into eyohlala injalo kuze kube ngunaphakade. IsiZulu sithi okungapheli kuyahlola. Kepha ngokusebenzisa umqondo wethu singakwazi ukwelula Isikhathi esimnandi noma ushintsho ukuze lusisebenzele. Kumele sicabange ngokujulile.
Konke kunesikhathi sakho. Ukwemukela kuyaphilisa. Ushintsho luza nezinselelo ezintsha futhi luyakhulisa.
Sengathi UJehova engasipha isibindi sokubhekana noshintsho. Sibe namandla okumelana nalokho esingeke sikwazi ukukushintsha.

Kuze kube ngokuzayo.

Boni Mahlinza

*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die In The Cage’ nomqeqeshi wempilo

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.