BAYABHUBHA ISANDULELA NGCULAZI EMGUNGUNDLOVU
NGOKWEZIBALO zakamuva ze-Human Sciences Research Council (HCRC) kubikwa ukuthi bangu-1300 abantu abahaqwa isandulela ngculazi KwaZulu-Natali masonto onke. Ngokwalezi zibalo isifunda saseMgungundlovu isona esihamba phambili esifundazweni sakwaZulu-Natali.
Lezibalo ezikhishwe ngoMsombuluko eThekwini ziveza ukuthi bangu-19.5% abantu abahaqwe isifo sesandulela ngculazi eMgungundlovu uma kuqhathaniswa nezinye izifunda esifundazweni. Izibalo zikhomba ukuthi isifundazwe saKwaZulu-Natali sehle ngo-16% wezibalo zabahaqwe ilesi sifo uma kuqhathaniswa no-18% wababehaqwe ilesi sifo ngo-2017.
Ngokwenani labantu abahaqwe isandulela ngculazi KwaZulu-Natal, behle baya ku-1 980 000 uma kuqhathaniswa nenani lango-2017 elalingu-1 990 000.
Ukwenza ucansi olungaphephile kanye nokuba nabalingani abaningi ikhona okuthiwe kunyusa izinga lokuthelelana ngesandulela ngculazi eMgungundlovu. Abe-HSRC babike ukuthi lesifunda sinabantu abaningi abasha abaphakathi kweminyaka eyishumi nanhlanu (15) nengamashumi amabili nane (24) abazibandakanya nocansi olungaphephile. Lesi isibalo siphezulu kakhulu uma kuqhathaniswa nezinye izifunda esifundazweni.
Kubantu abahlolwe isifo sesandulela ngculazi njengengxenye yohlelo lokwenza ucwaningo, iningi labo belingazi ukuthi linalesi sifo.
Ngenxa yalokho iningi labo alikho ohlelweni lokudla imishanguzo. Kwenziwe lolu cwaningo emuva kombiko oshaqisayo obuveza ukunyuka kwesibalo sabantu abahaqwe ingculazi kuleli owethulwe engqungqutheleni i-11th SA Aids Conference ebingoNhlangulanga ngonyaka odlule.
Okunye okuvelile kulombiko ukuthi abantu abaneminyaka ephakathi kwengamashumi amane nanhlanu (45) nengamashumi amahlanu nesishiyagalolunye (59) bahaqwe kakhulu ilesi sifo. Kudalulwe ukuthi lokhu kubangelwa ukuthi laba bantu bebesesigabeni sokwenza ucansi ngeminyaka yama-90’s ngesikhathi lesi sifo sisadle lubi futhi imikhankaso yokufundisa ngaso ingakabi miningi nemishanguzo ingakatholakali kalula njengoba sekwenzeka manje.
Nakuba lombiko uphethe izindaba ezimbi kodwa kubathokozisile abaningi ukudalulwa kwezindaba zokuthi kulo nyaka kube okokuqala ukuthi makwenziwa lombiko selokhu yaqala ukuyenza i-HSRC, iKwaZulu-Natali kuvele ukuthi yehlelwe izinombolo zabahaqwe ilesi sifo. Umbiko uveze ukuthi isifundazwe saseMpumalanga isona esihamba phambili ngabantu abahaqwe isifo sesandulela ngculazi ngo-17.4%