U-BUSTA RHYMES NOMEHLOKABONI KA-R90K NGOCINGO OLULAHLEKE EKULELI
UMCULI we-rap wase-United States, u-Busta Rhymes umangaze abaningi enza i-video ethi uzokhipha umehlokaboni kunoma ubani ongakwazi ukuthola umakhalekhukhwini olahleke endaweni yokujuxuza i-LIV Sandton ese-Sandton eGoli ngempelasonto edlule. Kuthiwa loludaba u-Busta Rhymes uluzwe lusanda kwenzeka, wabe esememezela ngombhobho azisa abantu ngalo.
Emuva kwalokho ube eseziqopha i-video egcizelela ukuthi ubengenzi uteku ngalokho akumemezele ngempelasonto, esho khona uzokhokha imali engu-$5000 [R86 850] kumuntu ongakwazi ukubuyisa lomakhalekhukhwini kulentombazane oyilahlekele.
Yize abantu sibamangazile isenzo salo mculi yize abanye bakhombise ukusithokozela njengoba bebemtusa ukuthi ungumuntu ozibophezele ekwenzeni into enhle. Ucacise ukubaluleka kokubumbana, wabe esecela ukuba kubuyiselwe umakhalekhukhwini kumnikazi wawo.
“Ngicela niyibuyisele emuva. Asenze into elungile. Asisebenzisane njengabantu base-Afrika ngendlela okufanele senze ngayo. Asenze into efanele ngoba ayiyinhle lento”, kusho yena.
U-Busta Rhymes uze wakhombisa ukudinwa ngalesi senzo sokuthathwa kwalo makhalekhwini. “Ngiyayifuna le-iPhone 12, f**k you (ethuka inhlamba). Angidlali. Ngiyahleka ngoba ngijabule kodwa angithokozile ngobuhlungu obuziwa ilona wesifazane.
Abaningi abaphawulile bebekhombisa ukuthi bayakuthakasela okwenziwa ilo mculi wodumo lwengoma ethi I know What You Want njengo @XhosaFact othe: “Abangamazi u @Busta Rhymes ungumuntu olungile. Uze akhale uma kunodaba olubucayi akhuluma ngalo oluthinta abantu abamnyama. Uyayithanda ngempela iNingizimu Afrika futhi uzizwa esekhaya uma ekuleli. Ingakho ecela ngokuzithoba ukuthi IPHARA libuyise umakhalekhukhwini walona wesifazane”.
U @HouseofCairo uvele wabheka eceleni wathi: “Bengisafuna ukuthi mina bengizocela anginike u-R90 000 laba noma bengangawubuyisa umakhalekhukhwini”.

Isithombe: U-Busta Rhymes enandisa emcimbini i-DStv Delicious Festival eGoli ngempelasonto edlule
U-Busta Rhymes ubekuleli njengengxenye yamanye amaciko aphesheya kwezilwandle abenandisa emcimbini i-DStv Delicious Festival ebingomhlaka-21 Mandulo eGoli.