UMFUNDISI UTHI WAXWAYISWA NGOMSHADO KASOMIZI OWAWUGCWELE AMADIMONI
ESIQESHINI esisanda kudlala se-podcast, i-Daily Hustle Podcast umfundisi odume ngelika-Enigma uveze izinsolo eshaqise abantu ethi waxwayiswa amazwi amabili ngomshado kasaziwayo ongumdansi, uSomizi Mhlongo noMohale Motaung. Lo mfundisi uthe wezwa lamazwi, lowesilisa nelowesifazane besesihogweni bethi uSomizi angavunyelwa eze khona. U-Enigma uthe amadimoni ayepepenyeka nawo nezimenywa ezazize emshadweni.
Uthe uma ephuza isiphuzo, idimoni lalisiphuza kuqala. Uthe umshado kaSomizi wawumbozwe ubumnyama wonke. Uqhubeke wathi kunohlu losaziwayo ababekulo mshado abasazongena kwezinkulu izinkinga ngalokho.
USomizi uziphendulele ku-Instagram lapho efake khona isiqeshana se-video lapho lo mfundisi ekhuluma khona, wase ebhala ethi: ” Kuyezwakala, kuyezwakala, Bonke ababeye emshadweni abeze ngapha. Yhu nibaningi. Phakamisani izandla ngoba uLusifa usilindile. Kuzoba kumnandi. Uhlu luseqopheleni”, kusho yena.
Abanye bosaziwayo ababekhona emshadweni baphawulile ngaphansi kombhalo kaSomizi ekhasini lakhe. Bebekwenza ihlaya konke okushiwo ilo mfundisi.
UMaMkhize weZikhulise Group uthe: “Saze sasha-ke manje”
U-Pearl Thusi yena uthe: “Ngizokukhokhisa Somizi”. Kukhona nabanye abaningi abaphawulile.