Imibono

MASIFUNDE NGOKWENZEKE NGEMPELASONTO EDLULE

KUNINGI engicabanga ukuthi kufanele sikufunde njengezwe iNingizimu Afrika ngokwenzeke ngempelasonto esiphuma kuyona emgwaqeni u-N3. Okokuqala nje kubalulekile ukuba uhulumeni uqonde ukuthi isimo sezulu sezikhathi zamanje sesijikile impela. Ngakho-ke kubalulekile ukuba naye uhulumeni anyuse amasokisi uma kufika endleleni azilungiselela ngayo ukubhekana nalezi zehlakalo.

Okwesibili nengizogcina kukho ukuthi kubalulekile ukuba sibe nezinsiza ezizokwazi ukusitakula ezimweni ezifana nalezi. Kuhle abasebenzi bakahulumeni babe ngabantu abacabangela phambili kunokuhlale betholwa izagila nje. Ngizwile abanye bephawula ezinkundleni zokuxhumana bethi abantu bakhuziwe ngokuthi bengathathi izindlela kule mpelasonto.

Umbuzo engizibuza wona ukuthi sithini ngalaba obekuphoqa kubo ukuba behambe. Ngabe sisho ukuthi bona bangalutholi usizo ngoba nakhu isexwayiso sesiphumile? Sithini ngamaloli angeke akwazi ukuthi ame ngoba phela impilo iyaqhubeka futhi nomnotho wezwe nawo ungama uma engama nse.


Ngiyethemba ukuthi sonke siyaqonda ukuthi ngikhuluma ngani lapha. Ngikhuluma ngeqhwa elivale uthelawayeka womgwaqo ohlanganisa iGoli,i-Free State kanye neKwaZulu-Natali. Miningi neminye imigwaqo ebivalekile kodwa okungenza ngikhulume ngo-N3 ukuthi lona umgwaqo omkhulu futhi ohlanganisa izifundazwe.

Kuyihlazo ukuthi kukhona abantu abavaleleke kulo mgwaqo isikhathi esingangamahora ayi-12 bengalutholi usizo. Kwenzeka kanjani lokhu emgwaqeni okhokhelwa imali engaka? Phela lapha akufanele nje kube nesigameko esithatha isikhathi eside ukuxazululeka.

Uhulumeni no-SANRAL kufanele baphendule ngokusetshenziswa kwemali esiyikhokhayo singabakhokhi bentela. Akukwazi ukuthi kule nhlekelele engaka akuphumanga ngisho ibhanoyi elilodwa nje ukuyobhekelela izidingo zabantu abebesenkingeni nangaphezu kokuba bese siphumile
Inkinga ngathi bantu bakuleli ukuthi sesakwamukela ukunganikwa izidingo futhi lokhu sikubona sengathi senzelwa umusa ngakho. Okufanele sikukhumbule ukuthi uSANRAL ukhona nje ngemali ekhokhwa yithi bantu bentela, nohulumeni ukhona nje ingoba yithi esikhokha intela manje asingakuvumeli ukunganikwa izidingo.

*USandile Khumalo ungumbhali wezoncwadi zesiNgun, intatheli ezimele futhi wenza izifundo zobuntatheli e-Wits University

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.