BASEBUMNYAMENI ABALINGISI NGOMDLALO UMKHOKHA ONGASE UQEDWE
AKWAZIWA ukuthi kuzokwenzakalani ngomdlalo oboniswa esiteshini esikhokhelwayo i-DStv, Umkhokha: The Curse njengoba kuthiwa lesiteshi sihlongoza ukuwuqeda. Ngokusho komthombo okhulume neziko lezindaba zikaqedisizungu iZimoja bekufanele ngabe sekuqaliwe ukuba nezingxoxo ngezinkontilaki zabalingisi njengoba ziphela lezi ezikhona ngoMfumfu kodwa akukenzeki.
“Abantu bakhathazekile ukuthi akushiwo lutho”, kusho lo mthombo.
Abalingisi bakhathazwe ukuthi ababoni ukuthi kukhona inqubekela phambili ngalomdlalo futhi okubaphethe kabi kakhulu ukuthi iningi labo selize lathuthela eThekwini ngoba belibona sengathi lo mdlalo unempumelelo. “Okuyinkinga kakhulu ukuthi abalingisi boMkhokha: The Curse abaningi bahlala eThekwini futhi akukho okuningi okwenzekea eThekwini. Bazowutholaphi umsebenzi uma ugcina uqedwa lo mdlalo”, kubuza umthombo.
Omunye umthombo uthe: “Abanye bayafunga bayagomela ukuthi izinkontileka zabo zizovuselelwa ngoba lo mdlalo unezinombolo ezinhle futhi ufaka enhle imali esiteshini ngezikhangisi”.
Njengamanje kuthiwa i-DStv imatasa nezivumelwano zokutshengisa imidlalo emibili esakhiqizwa edlala ngolimi lwesiZulu nesiXhosa. Umthombo uthe umdlalo odlala ngesiXhosa uzovala isikhala seGqeberha, bese kuthi Umkhokha: The Curse okuwumdlalo oqoshwa KwaZulu-Natali wona isikhala sizovalwa umdlalo okukhulunywa IsiZulu kakhulu kuwona.
Lo mthombo uthe: “Sonke siyazi ukuthi umabonakude ngeke uwuqagele kodwa kugenjulwa ngezimpilo zabantu lana. Ubani nje ongabanga ukuthola umsebenzi omusha njengoba kuyoshaya isikhathi samaholidi manje”. Ngokusho komthombo le midlalo izoboniswa kuze kushaye unyaka ozayo kodwa ukuyiqopha ngeke kusenzeka.
Kunomlingisi ongathandanga ukwaziwa othe: “Abadidiyeli basihlalise ebumnyameni. Abafuni ukukhuluma iqiniso. Asazi ukuthi kwenzakalani ngoba umdlalo wenza kahle. Sikhathazekile kakhulu ngathi uqobo ngoba asazi kwenzakalani. Akekho okhulumayo, manje abantu sebehlale besho izinto ezihlukene usuku nosuku”.
Kukhulunywa nokhulumela iMzansi Magic, u-Portia Hlangwane uthe i-season 2 iyadlala njengamanje kuze kube isiqephu sesi-260. “Akukho osekumenyezelwe ngo-season 3“, usho njalo engacacisi ngemininingwane yokuthi umdlalo usazobuya yini noma ngeke usabuya.