Izindaba

ULAXAZA UMSEBENZI OWASE-KZN ONQOBE R107 MILLION WE-LOTTO

UVEZE ukuthi uzoshiya phansi emsebenzini owesifazane waKwaZulu-Natali onqobe imali engu-R107 million kwi-jackpot ye-Powerball. Uthe uzosebenzisa imali ukufundisa izingane zakhe, ashaye izindawo aphinde anikele ezinhlanganweni zezintandane.

Ithuba Investments elibhekene nomsebenzi we-National Lottery kuleli likuqinisekisile ukuthi lona wesifazane ongathandanga ukuwaziwa, usefikile emahhovisi alo ukuzothatha imali yakhe emahhovisi alo. Kuthiwa lona wesifazane unqobe kumncintiswano obungomhlaka-13 Mandulo kanti akungangatshazwa ukuthi le mali izoyishintsha kakhulu impilo yakhe.

Ithuba lithe lona wesifazane udlale i-lotto ngomakhalekhwini wakhe esebenzisa i-App yebhange i-FNB.

Esitatimendeni esikhishwe Ithuba, lona wesifazane ufonelwe ngoMsombuluko, mhlaka-16 Mandulo, aziswa ukuthi afike emahhovisi ethuba ukuze azothatha isamba sakhe njengoba kunguye onqobile.

“Ngibhalele isithandwa sami umyalezo ngisazisa ngalolu cingo. Ngaleso sikhathi bengingazi ukuthi nginqobe malini kodwa bengazi ukuthi zonke izinombolo zami ziqondane zonke, kodwa bengingazi ukuthi nginqobe kumuphi umunxa”, kusho lona wesifazane ejabule.

Ufike emahhovisi e-Ithuba ngoMsombuluko aseThekwini, nokuyilapho etshelwe khona ukuthi unqobe imali engu-R107 million futhi uyena onqobile. Lona onqobile uthe uhlale edlala ngezinombolo ezizodwa, okuyizinsuku zokuzalwa, kanye neminyaka yabantu.

“Ezinyangeni ezine ezedlule nginqume ukuthi ngishintshe izinto, ngagxila ekudlaleni i-Powerball kuphela, kodwa bengingazi ukuthi ngizonqoba imali engaka”, kusho yena”, kusho yena.

Uthe ufuna ukuqikelela ukuthi abantwana bathola imfundo eseqophelweni eliphezulu emuva kokunqoba le mali. Okunye athe uhlose ukukwenza ukunikela ezinhlanganweni zabantu abadala nezingane.

“Angilitholanga ithuba lokufunda emazingeni aphakeme, bekungesiyo into ephambili emndenini wami. Abazali bami abakwazanga ukungifundisa nokuyinto engifuna ukuyenzela abantwana bami. Kuningi engingakaze ngikubone ezweni, ngakho ukushaya izindawo into esezinhlelweni zami”, kusho yena.

Uthe uzowushiya umsebenzi awenzayo njengamanje. “Le mali engiyinqobile ilingana nokuthi ngingasebenza iminyaka eyikhulu uphindaphinde lo mholo engiwuhola manje”, kusho ethokozile.

Abe-Ithuba bamubongele lona wesifazane. Kuyasithokozisa ukuthi onqobe umncintiswano wethu usefikile emahhovisi ukuzofaka isicelo sokunikwa imali yakhe. Uzokhokhelwa ingabanjiwe intela emahoreni angamashumi ayisikhombsa nambili (72) kusuka manje”, kushi bona.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.