WENQABE ESHELWA UMSAKAZO OBUZOMKHOKHELA IMALI EBOMVU U-PENNY NTULI
UGQAMISE ukwethembeka kumphathi wakhe u-Penny Ntuli ongumsakazi weJozi FM esakazela eDube, eSoweto esifundazweni iGauteng ngesikhathi eveza ukuthi unqabe umsebenzi wokusakaza obuzomkhokhela imali enhle. Lo msakazi utshele abalandeli bakhe ekhasini lakhe lika-Facebook ukuthi uhlalile nomphathi wakhe wamchazela ngalelithuba kodwa wamazisa ukuthi ngeke alithathe.
“Ngikhulumile nomphathi weJozi FM, uBab’ Njomane ngakho konke lokhu, esikhundleni sokuthi athi hlala uthe: “Ngiyakuthemba ngane yami ukuthi uzokwazi ukuthatha isinqumo”, kodwa ngithe mangibuka emuva nokuthi ubaba wangibekezelela kanjani, wamaza ngakho konke ukungitholela indawo yokuhlal ngifika lana eGoli.
“Wangiqashela ihhotela inyanga yonke, engisa emsebenzini zonke izinsuku (yebo nge-V Class nkos yami), kodwa ngaphezu kwalokho, wanginika ithuba lokuba semoyeni ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu kuJozi FM”, kusho u-Penny.
Uthe namuhla unqobe indondo ngokuba semsakazweni ngoba ubonakale kulesiteshi. “Futhi omzala bami bangofakazi balolu hambo”, kusho yena.

Isithombe: U-Penny Ntuli wenza uhlelo i-Mid-Morning Chat kuJozi FM phakathi nesonto ngehora lesi-9 ekuseni kuya kwele-12 emini
“Angifuni ukugijimela lonke ibhodwe eliconsayo, sengikusho konke lokho ngiwunqabile lo msebenzi ngoba ngisafuna ukuzinza iminyaka owodwa noma emibili kuJozi FM”, kusho yena.
Kuzokhumbuleka ukuthi u-Penny walaxaza umsakazo waseThekwini, iGagasi FM emuva kokungaboni ngaso linye nomphathi wakhe, u-Ayanda Melansi ngemali ayezoyihola nyanga zonke engu-R2800.