UBOSHIWE OWESILISA ODLWENGULE INDODAKAZI (20) QEDE WAYIFAKA KWISIBANDISI
OWESILISA oneminyaka engamashumi amane nambili wakwaGaqa udlwengule indodakazi yakhe eneminyaka engamashumi amabili qede wayifaka kwisibandisi ngenhloso yokuyibulala.
Lolu daba luqhunjuzwe umalumekazi wale ngane othe lona wesilisa ubehlala nayo indodakazi yakhe esitolo esithile endaweni yakwaGaqa ngaphandle kancane kwasoPongolo.
“NgeSonto, mhlaka-11 Ncwaba, umakhelwane ubenomcimbi okuyilapho lo baba abephuza khona utshwala. Indodakazi le ibisele esitolo igade ingane okuthe isivalile, wase eyibiza ukuthi bezophuza kwamakhelwane”, kusho umalumekazi.
Indodakazi yalo baba ibikele yena umalumekazi, oyiluleke ngokuthi ayivule icala emaphoyiseni asoPongolo.
Ube esicingwa njengoba ubesingasahlali esitolo, nokho watholakala ngokushesha waboshwa. Uzovela enkantolo yasoPongolo ngoLwesihlanu ukuze afake isicelo se-bail.