ZINAKE NGOBA NAWE UBALULEKILE
NGIKUBINGELELE mfundi wengosi yethu ehlabahlosile yabaNqobi. Ngifisa ukukuqinisekisa ukuthi njengoba uzinika isikhathi sokufunda lengosi unguMnqobi futhi usazonqoba kaningi.
Namuhla ngifisa ukukukhumbuza ukuthi nawe ubalulekile kuwe. Ukwazi nokukholelwa kulokho kungashintsha impilo yakho kakhulu. Izikhathi eziningi singabantu sichitha isikhathi esiningi sizama ukugculisa sijabulise abanye abantu sizikhohlwe thina. Akuyona into embi ukukhathazeka ngabanye abantu nokubasiza kodwa inkinga iqala lapho sesizikhohlwa thina. Uke uzibuze ukuthi mhla waphelelwa amandla okwenza bayokwazi yini ukukusiza labo obasizayo? Bengayinakekela inzalo yakho?. Ngalokhu ngisho ukuthi akuthi mawenza bese ungakukhohlwa nokwakho.
Umhlaba esiphila kuwo uphithizela kakhulu ngendlela yokuthi kumele sifunde impilo ngokushesha futhi singalahlekelwa ubuthina.
Kuyenzeka sigcine siphila impilo yokugculisa abanye abantu. Inkinga iba khona uma labo bantu bengasincomi futhi bengabongi. Lokho kungakulimaza uma ungakwazi ukuzemukela futhi uzitshele okungcono ngawe. Akuyona yonke imibono yabantu okumele isebenze empilweni yakho. Neyakho imibono nezinqumo kumele uzinike ithuba.
Kubalulekile ukubeka imingcele kwezinye izinto ngempilo yakho. Kunezinto okumele ungazivumi ngawe. Kunezinto abangazenza abanye abantu kodwa hhayi wena ngoba uyazazi ukuthi ufuna ini.
Zinike isikhathi sokuzijabulisa nawe. Ungahlali njalo ubeka abanye abantu phambili ngisho ubona ukuthi uyacindezeleka.
Impilo yabo izoqhubeka eyakho iyama. Kungani kuhlale kunguwe owehlayo, ozidelayo futhi olimalayo?.
Singabantu kumele sikwemukele ukuthi umhlaba kawusikweleti lutho kanjalo nathi asikweleti bantu ngezimpilo zethu.
Angeke ukwazi ukuchatheka enkomishini engenalutho. Kuhle ugcwalise inkomishi yakho ngothando, amandla okusiza nomdlandla ukuze lokho uzokudlulisela kwabanye.
Uma uzibeka phambili akusho ukuthi uzicabangela wedwa kodwa nawe uyadinga ukuzinakelela. Ngeke uphe ongenakho.
Cela usizo nawe lapho okudingeka khona. Zithande. Zinakekele.
Khanyisa ilambu lempilo ngakuwe nawe ngesikhathi ukhanyisela abanye. Zithuthukise ngolwazi nangamakhono. Hlala njalo ulangazelela ukukhula.
Ziqhelelanise nabantu abakwenza uthatheke kancane futhi bakwenze uzizwe ungelutho. Impilo inzima yebo kodwa akusho ukuthi kumele ungahlonipheki. Konke lokhu kuqala kuwe ngendlela oziphatha ngayo.
Cabanga ngaphambi kokukhuluma. Lungisa amaphutha ngokuwavuma nangokuwalungisa. Gwema ukukhuluma kakhulu nomuntu okuthatha njengomuntu ongakwazi ukucabanga. Hlala njalo uthola into ezokugqugquzela futhi ikunike ithemba. Umuntu nomuntu uphila ngezinqumo azithathayo. Yingakho Kubalulekile ukuthatha izinqumo eziphusile ngoba zinomthelela empilweni.
Ezinye izinto eziwucijayo umqondo ukufunda izincwadi, ulalele izinkulumo ezakhayo, izinkulumo mpikiswano kanye nokuxoxa nabantu ngezinto ezakhayo. Kubalulekile ukuzazi. Wazi ukuthi ufunani empilweni. Ulwele ukukhula nokufeza amaphupho akho.
Izinqinamba zikhona ukusifundisa ngempilo.
Singakhohlwa ukujabulela ukunqoba noma ngabe kuncane kanjani. Bala izibusiso zakho ubonge lonke usizo nezibusiso ozitholayo.
Kuze kube ngokuzayo.
Boni Mahlinza
*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die In The Cage’ nomqeqeshi wempilo