IzindabaUmculo

USEFUNA UKUCOBELELA INTSHA NGOLWAZI LO MCULO U-PAT NKONYENI

UMCULI wezingoma zokholo odabuka eBizana e-Eastern Cape, u-Pat Nkonyeni usenqobe inqwaba yezindondo. Uqale ukucula ngo-2017 ngokuqopha i-album enezingoma eziyishumi nane (14).

Ube eseqhubeka, nokukhipha omunye umculo emuva kwaleyo album. Lo mama onekhono elimangalisayo ucula umculo wokholo kanti uyazenzela yonke into ekuwuphusheni njengoba engenaye umuntu noma inkampani emsizayo. Ngo-2023 uqale ukungenela umncintisano wezindondo ngowawuse-Carletonville ngoMandulo emkhakheni we-Best Song Writer, wanqoba indondo nesifiketi.

Kuthe ngoZibandlela 2023 wangenela umncintiswano wezindondo obuKwaZulu-Natali, i-KZN Namuhla Artists Awards emkhakheni we-Best Solo wabuya nendondo futhi.

Ngo-2024 uqokwe emicimbini yezindondo ehlukene, khona obuse-Cator Manor eMkhumbane KwaZulu-Natali, eLusikisiki, naseGhana. Unqobile eMkhumbane eThekwini emkhakheni we-Best Gospel Spiritual. Emcimbini wezindondo obuseLusikisiki kwiThembisile and Thandie Awards wanqoba izindondo ze-Best Song of the Year, eye-Most Voted Artist, waklonyeliswa nesitifiketi nangomqhele njengophawu lokudla umhlanganiso.

Kule nyanga kaMandulo ngomhlaka-7 ubeseThekwini futhi kuma-KZN Namuhla Artists Awards eThekwini Community Church lapho enqobe khona indondo emkhakheni we-Best Traditional Gospel waklonyeliswa nangesitifiketi.

Mayechaza uNkk. Nkonyeni uthi izinto zimlungele esemdala kakhulu emculweni njengoba eke wabhekana nenselelo engenayo indlela yokuqopha. Njengamanje usiza amaciko asafufusa ngokuwacobelela ngolwazi analo lomculo mahhala. “Baningi kakhulu abantu abanamakhono kodwa bangakwazi ukuwa sebenzisa ikakhulu intsha, manje ngicela noma ubani ongangixhasa ngemishini yokuqopha ukuze ngisize abantu beqophe umculo mahhala. Abantu abasebenzi kunqabe yona imisebenzi”, kusho yena.

Ubonge kakhulu kubantu abameseke kule mikhakha abengenele kuyo izindondo ngokumvotela nangokumkhuthaza. Usaqhubekela phambili kakhulu nomculo uNkk. Nkonyeni akapheli mandla.

Maningi amaphephandaba asebhale ngaye kanti manje usefuna ukubonakala komabonakude.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.