Izindaba

U-JANET JACKSON UHOXE UKUZA EMCIMBINI OKULELI

UDADEWABO ka-Michael Jackson, u-Janet Jackson ocula i-Rock & Roll usehoxise uhambo lwakhe lokuza emcimbini oseNingizimu Afrika ngenxa yokushona kukamfowabo, uTito Jackson. U-Janet bekulindeleke ukuthi azonandisa emcimbini i-DStv Delicious ngempelasonto esiya kuyona.

Kuphoxeke inqwaba yabalandeli balo mzwilili wase-United States ngesikhathi bethola izindaba zokuthi akasezi kulomcimbi ozogaba ngomculo nokudla ngenxa yesiga esivele emndenini wakhe.

U-Janet ubelokhu ebhala futhi efaka ama-video emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana ekhombisa ukuba magange ngokuza kuleli. Kodwa sekushabalele konke lokho njengoba sekumele abe sezweni lakhe ukuze enze izinhlelo zokufihla umfowabo nomndeni wakhe.

Abahleli bomcimbi i-DStv Delicious bakuqinisekisile ukuthi lo mculi angeke esaba ingxenye yalo mcimbi. “Kubuhlungu kithi ukuqonda ukuthi kufanele simemezele ukuthi u-Janet Jackson ngeke esaba ingxenye ye-DStv Delicious Festival…ngenxa yesimo esingesihle esesivele emndenini wakhe njengoba sekushone umfowabo, uTito Jackson”, kusho isitatimende.

Abahleli balo mcimbi bengeze ngokuthi: “Sidlulisa amazwi okududuza umndeni futhi seseka u-Janet nomndeni wakhe ngalesikhathi esinzima kangaka.

Inkampani ephethe izindaba zika-Janet ixhumene nabahleli balo mcimbi, ngenhloso yokubazisa ngesimo esehlele umndeni wakwa-Jackson. Esitatimendeni bathe: “Umfowabo ka-Janet, uTito ushonile ngeSonto esisuka kulona. Ngezizathu ezisobala, u-Janet kuyaphoqa ukuthi angabe eseza ukuzonandisa kwi-DStv Delicious Festival ukuze abe nomndeni wakhe.

Abaphathi bakhe baveze ukuthi noma kanjani ngonyaka ozayo uzoba khona kulo mcimbi. Bathe u-Janet ubonge abantu baseNingizimu Afrika ngokumeseka kulesimo esimehlele.

Abanye abaculi abazoshiyelana inkundla kulo mcimbi oThandiswa Mazwai, Jill Scott, Maxwell no-Zakes Bantwini.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.