ISIWU-R20K IMALI ENIKELELWE UMLINGISI OKHISHWA ENDLINI
EMUVA kwe-video esabalale ezinkundleni zokuxhumana ebika usizi abhekene nalo umlingisi, uGcina Mkhize usenikelelwe imali engu-R20 000. Abanye bamnikeza usizo ngokumduduza ngokomphefumulo njengoba wavela kule-video ewusizi, ecela usizo kunoma ubani ongamkhipha kule nkinga yokudlelwa indlu yakhe eyadayiswa endalini.
I-video kaGcina yasabalala ezinkundleni zokuxhumana edalula ukuthi kunabantu abafuna aphume endlini yakhe emuva kokuba idayiswe endalini njengoba yena ubesehluleka ukuyikhokhela. Wathi indlu yakhe idayiswe ngokungekho emthethweni futhi umelene nalokho, ngeke aphume kuyo.
Kuyona le-video kubonakala abesilisa ababili bekhipha ifasitela elisekameleni elilala yena uGcina, kuyona le ndlu yakhe. Abantu babemzwela kakhulu futhi bemeseka ngesiga esimehlele. Kube sekuqalwa umkhankaso wokumeseka obizwa nge-‘BackaBuddy Fundraising Campaign’.
Ekhuluma ne-TimesLIVE uGcina uthe abanye abantu bamfakele imali kwi-account yakhe, okumanje isize yedlula ku-R20 000. Uthe ngaphezu kosizo lwemali abanye abantu bamsiza ngokudla nangosizo lwezomthetho.
“Ngifisa ukubonga kakhulu kini nonke enilule isandla kulo mkhankaso i-BackaBuddy. Ngithanda nokubonga kakhulu laba abafaka imali ku-account yami yasebhange. Yonke imali eniyifakayo yenza umehluko omkhulu empilweni yethu. Mina nabantwana bami sithokozile. Isithobile indlela enisisize ngayo”, kusho yena.
Ubonge nabanye ozakwabo kwezikaqedisizungu. “U-Eugene Mthethwa ufikile, wasiza ngangasiza ngakho. Kukhona omunye umuntu we-ANC naye othembise ukungisiza ngokuphenya lento. Ozakwethu kule ndima yami bayangifonela, abanye befake imali. U-Asavela Mgqithi engike ngasebenza naye emdlalweni Isibaya, ngomunye wabantu owangifonela lusanda kuvela lolu daba wangifakela imali engu-R2000.
“Abanye abangani enginabo endimeni yokulingisa abangisizile oNomzamo Mbatha, Khanyi Tshabalala, Muzi Mthabela, Angie Sekgobane, Celeste Ntuli, Retha M, Nomonde Mbusi, Khanyo Maphumulo noBongani Gumede. Bona baningi, kungenzeka abanye ngibakhohlwe. Bangeseke kakhulu.
“Bakhona nabanye abantu abangisizile kodwa ngenxa yokuba baningi kwabo kungenzeka ngingabakhumbuli bonke. Ngikhulume nabantu abaningi, kuzoba nzima ukubakhumbula bonke. Omakhelwane bami nabantu engakhula nabo e-Protea Glen, nabo bangisize kakhulu ngokuncane abebenakho”, kusho yena.
Uthe usevule icala lokusabisa,ukuhlukumeza nokungena endaweni ngaphandle kwemvume yomnikazi. “Ngifuna kubuye indlu yami. Mina nezingane zami sifuna ukuphila ebesiyiphila”, kusho yena.
Njengoba kuke kwanzima ukuthi ethole imisebenzi yokulingisa, uke waqashwa emdlalweni omncane futhi obungamkhokheli kahle.
Ngesikhathi edalula izinkinga emphakathi, udonse nezigebengu ebese zifuna ebezizenza abaqophi bemidlalo. Mayechaza uthe uke wathola umyalezo, waphinde wafonelwa ozibize ngendodana kaMnuz. Duma Ndlovu, ethi uzomnika umsebenzi wokulingisa.
“Ngakwazi ukuzwa ukuthi izwi angilejwayele. Wathi kunomdlalo abazowuqopha eThekwini, Cape Town naseGoli, kunendawo abafuna ukungifaka kuyona kodwa kuzofanele ngiye eThekwini. “Wanginika inombolo yenkampani ebhekele ezokuthutha, wathi ngizoyifonela ukuze ngiqashe ibhanoyi kodwa kufanele ngikhokhe, bona bazoyibuyisa leyo mali sengifikile emahhovisi abo aseThekwini.
“Ngangizitshela ukuthi into ekhona, indlela engangijabule ngayo. Ngayifonela le nkampani yezokuthutha ukuze ngizwe kabanzi ngezinhlelo zabo, ngaba nenkinga sebethi angibafakele imali nge-cash send. Ngaxhumana nomunye osondelene noDuma ukuze ngizwe ukuthi ngabe iyiqiniso yini lento, ngathola ukuthi intengekho. Angizange ngiyifake imali. Ayikho inkampani eqophayo eyake yafuna imali kumaciko ukuze kukhokhelwe izindleko zebhanoyi, bayakukhokhela lokho”, kuphetha yena.