Izindaba

AMAWELE AKWA QWABE ATHI INTSHA YESIFAZANE AYIBUKELE KUWO

AMAWELE angabaculi be-Afropop abadumile kuleli, iQwabe Twins athi intsha yesifazane kuleli kufanele ihambe ezinyathelweni zayo, igcine amasiko futhi izigcine ubuntombi. Lama wele akhuluma kanjena nje ngempelasonto esisuka kuyona abeyingxenye yezinkumbi zezintombi ebezimkhosini womhlanga Enyokeni, kwaNongoma.

U-Virginia no Viggy Qwabe bangamawele adabuka endaweni yaseNonoti ngaphansi kukamasipala waKwaDukuza enyakatho yesifundazwe saKwaZulu-Natal.

“Sifuna ukugqugquzela futhi sikhombise abesifazane abangangathi ukuthi ungaba umculi owaziwayo kodwa futhi ukwazi ukuzigcina njengentombi. Umkhosi womhlanga ubaluleke kakhulu kithini njengoba udlala indima enkulu ezimpilweni zethu”, kusho lama wele aneminyaka engamashumi ayisithupha (26).

Umkhosi womhlanga ungomunye wemikhosi ebalulekile esizweni samaZulu, kulonyaka ubuqeda iminyaka engamashumi amane (40) waba khona emuva kokuvuselelwa ISilo esesakhothama u-Goodwill Zwelithi KaBhekuzulu.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.