Imibono

NGABE USEHLELA INDLELA YOKUPHUMA EMSAKAZWENI U-LADY D NGE-PODCAST?

KUSUKELA ngiqala ukulalela umsakazo eminyakeni eminingi edlule inkakha yomsakazo Ukhozi FM, uNkk. Dudu ‘Lady D’ Khoza wayevele esesakaza, enza uhlelo okwakuthiwa Ezomame. Uhlelo ayelwenza u-Lady D lwalungena ngesikhathi esifanayo nalolu alwenza manje. Njengamanje wethula uhlelo oluthi Jabul’ Ujule olufanele umndeni wonke njengoba luthi luqala nje, kungene imidlalo yodado efundisayo.

IJabul’ Ujule ingena phakathi nezinsuku phakathi kwehora lesishiyagalolunye ekuseni neleshumi nambili emini (09:00-12:00).

Eziqeshini zezinhlelo zika-Lady D ongowokuzalwa e-Marrianhill KwaZulu-Natali, uthola izihloko ezihlukene futhi ezithinta abantu abehlukene ngamazinga kodwa abakwazi ukubeka indlebe kuye bonke ngoba unekhono elimangalisayo lokusakazela wonke umuntu. Kusukela komama bamajukujuku, amasheilas, emahostela nezinsiswa, ncipha bugebengu lapho asuke eno-Capt. Bhengu odabuka eMhlubulweni eMandeni, u-Lady D ukuthatha akubeke.

Ukuba umhlengikazi ngokwemfundo kumenza abe ungcweti ezihlokweni zezempilo, uma esekhuluma noDkt. Mthembu akashodi ndawo njengoba amagama asetshenziswa kwezempilo ewazi njengoba ezazi. U-Lady D une-Diploma ye-General Nursing, Midwifery ne-Community Health Nursing.

Ngiyakhumbula eminyakeni edlule ohlelweni Ezomame enza ingosi ye-Omo Mailbag eyayibheka ezobuhle kanye nezempilo. Isona sikhathi engaqala ngaso ukumlandela lomsakazi oyisikhondlakhondla emsakazweni.

Isithombe: Incwadi ekhuluma ngempilo kaDudu Khoza ebhalwe intatheli uSlindile Khanyile

AKALANDELWA IZINDABA EZINGALUNGILE

Selokhu ngaqala ukwazi ngaye angikaze ngizwe elandelwa zindaba ezibheke eceleni. Kwala noma ubenabangani abadumile abafana no-Deborah Fraiser abebehlale besezindabeni ngezihloko ezibuye zihlambalaze kodwa yena ubengathelwa ngisho nayichashaza lobubi. Uyisikhwishikhwishi, kuyezwakala uma esengenile emsakazweni. Uma usekhaya umlalele uye uzwe ukuthi cha impela usekhaya awuyile emsebenzini, kanti abangasabenzi uye ubezwe bencokola bethi mase kukhuluma yena emsakazweni lubuya lonke usizi lokuthi abasebenzi.

Omunye angamangala ukuthi yini edala lokho ukuba umlaleli ethi esekhaya kodwa abe nosizi uma kudibana izwi lo msakazi oseThekwini nendlebe yakhe. U-Lady D unesiphiwo sokukufaka emsakazweni ube ingxenye yohlelo lwakhe, ukhuluma nawe ngqo. Unekhono elingavamile kubasakazi bamanje lokwazi ukuthi umlaleli udinga ukhulume kanjani naye.

Bekuvamile ukuthi kube uyena Okhozini okhuluma neSilo esesakhothama, Inkosi Goodwill Zwelithini KaBhekuzulu. Indlela umoya wakhe obuxhumana ngayo noweSilo, bekuhlezi kunentokozo enkulu ukumlalela encokola naso. Engesabi ukusibuza imibuzo engeke ibuzwe inoma ubani futhi naso singamexwayi nxa esibuza, simphendula ngenkulu intobeko.

Kubo bonke abasakazi abesakaza nabo Okhozini u-Lady D eminyakeni edlule, uNkk. Zanele Mbokazi-Nkambule (osanda kushona) ngowokugcina obesakhona emsakazweni. Kuzokhumbuleka ukuthi uZanele uke waphuma kulo msakazo, wase ebuyiswa umphathi obambile manje, uNks. Sbongi Ngcobo.

AKAZWANI NOKUGQAMA KODWA AKAKUBALEKELI OKUMSONDEZA KUBANTU

Umsebenzi wokusakaza ngokwemvelo usondelene nabantu futhi kulindelekile ukuthi umsakazi abe nokuxhumana nabalaleli bakhe. Lokho kungenzeka emoyeni noma ngaphandle, lapho kunemicimbi yesiteshi kanye neyabantu. Ngeke uzwe noma ubone u-Lady D eseyisishokobezi esingakhuzeki njengalabasakazi bamanje, abazikhulumela noma kanjani futhi abengesabi muntu.

Umthola njalo emamatheka futhi eyisimo esisodwa nokuyikho okumenza abe nogazi olungaka kwabancane nabadala. Bengiye ngilalele uma enza izingxoxo nabaculi abasebancane, ikhono analo lokubabuza imibuzo elingana neminyaka yabo futhi enjalo ewuqonda umsebenzi abawenzayo yize emdala enjalo.

Eminyakeni edlule kuke kwavela umculi wesifazane obenza iHip-hop ezibiza ngegama elithi Lady D, nokwaqubula umsindo abantu abaningi bethi uthathe igama lale silomo somsakazi. Kuthe uma izintatheli zimlandela zifuna ukuzwa uthini ngokuthathelwa igama ilo mculi wavele waphendula ngomoya ophansi, wathi akanikwe ithuba alisebenzise igama, akanankinga yena. Lowo mculi owayephakama sekwaphela ngaye kodwa u-Lady D usayiso isiphithiphithi soKhozi.

Uke akusho ukuthi kuthe ngomunye unyaka obengumphathi wesiteshi uMfu. Hawu Mbatha wamnika ithuba lokuba umphathi, kodwa uthi kwamhlula ngoba yena wayenothando lokusakaza ukudlula ukuba sesikhundleni. Usebenze iminyaka emibili ephethe ihhovisi lezokuthuthukiswa komphakathi elalenza imibuthano ezindaweni zabantu. Kulelo hhovisi ubesebenza nabanye abasakazi abebengaphansi kwakhe oMandla Malakoane, Vicky Masuku, Zanele Mbokazi, Nkambule. Bongi Gumbi, DT Ngwenya noNonhlanhla Mkhize ongasekho. Uthi kuthe uma uMfu. Mbatha emphoqelela ukuthi ayeke ukusakaza kodwa agxile ekubeni umphathi, wavele wasishiya leso sikhundla. Lokho kukodwa kumenza u-Lady D ahluke kulesi zukulwane sanamuhla esivame ukuchoma ngesinakho nesiyikho.

UNGUMAMA WEKHAYA

Kuvamile kubantu abaningi abangosaziwayo ukuthi behluleke ukukwenza kulingane ukunika isikhathi umndeni ngenxa yomsebenzi odla isikhathi sabo esiningi kodwa kubukeka kuhlukile ku-Lady D njengoba eye abonakale echitha isikhathi nomndeni omesekayo. Abaningi ngineqiniso ukuthi abamazi umyeni ka-Lady D, uMnuz. Bongani Khoza ngoba akasiye umuntu othanda ukulandelana nomkakhe, uyamnika ithuba lokwenza umsebenzi ngokukhululeka. Ungumama ebafaneni bakhe ababili oSandile noKwazi osebenzela iGagasi FM.

Sekukaningi kuzwakala ukuthi uma isiteshi sishintsha izinhlelo zaso, naye angase ashintshwe kodwa kubuye kuphele emoyeni lokho.

Kwake kwathi ngomunye unyaka ngezwa kuthiwa angase afakwe ebusuku kodwa abalaleli bakhe basabisa ngokuthi bazoyivala i-SABC uma kuke kwenzeka lokho. Ngaleso sikhathi umphathi wezinhlelo kwakuwu Nks. Zandile Tembe owaveza ukuthi njengomsakazo bahlose ukusebenzisa ukuthandwa kuka-Lady D ukwandisa abalaleli basebusuku. Vele emisakazweni eminingi izinhlelo zasebusuku zinabalaleli abaphansi kakhulu, kwazise ebusuku isikhathi sokulala noma iba khona imithonseyana elalela umsakazo ebusuku.

I-PODCAST YAKHE IZOSIZA ABANGEKE BEMFICE EMSAKAZWENI

Noma zikhona izinhlelo engingazilalelanga u-Lady D azenza emsakazweni kodwa kuyathokozisa ukuthi kune-podcast ayisungulile ebizwa nge-Lady D TV lapho ezoqhubeka khona nokuba nezingxoxo nabantu abaqavile emikhakheni ehlukene yempilo. Okungenza ngize ngibhale le ngosi ilokho kahlehle. Ngiwuthandile umqondo wale-podcast ngoba kuyona uzokhuluma ngokukhululeka kungafani nalapho esebenza ngaphansi kwemithetho yasemsebenzini.

Isithombe: Isiqephu sakamuva se-podcast uDudu Khoza asenze noThinah Zungu

Kuyaziwa ukuthi ama-podcast angenisile kulesikhathi samanje futhi ayikusasa njengoba wona engenamacilikisho eminingi elandelwayo kuwo. Futhi akungabazeki ukuthi u-Lady D uzokwenza kahle kulo mkhakha. Into engiyishayele ihlombe kakhulu nge-podcast ka-Lady D ukuthi uyiqale evele esasemsakazweni nosekungaba iqhinga elihle lokwakha abalandeli bayo ngaphakathi emsakazweni Ukhozi FM bese ethutha nabo eseyogxila kuyo.

Sekuyothi nalaba abangamficanga emsakazweni bemuzwe ku-Lady D TV, nokho baphuthelwe.

*Ungaxhumana nomhleli kuleli kheli le-email: editor.umkhaya@gmail.com noma ku-Whatsapp [0795239786]

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.