KUBOSHWE ABADAYISI NABATHENGI BEZINCWADI ZOKUSHAYELA E-KZN NASEMPUMALANGA
NGOMSOMBULUKO amaphoyisa angaphansi kophiko lwama-Hawks KwaZulu-Natali abophe abantu abangamashumi amathathu (30) kulesifundazwe nabayisishiyagalolunye (9) esifundazweni saseMpumalanga abagwazisa ngemali engu-R2500 kwabafuna izincwadi zokushayela.
Kuthiwa bonke laba baboshwe e-Melmoth Driving License Centre. Umphathiswa womnyango wezokuthutha KwaZulu-Natali, uMnuz. Sbonelo Duma uthe bazovela ngoLwesithathu eRichards Bay Magistrate’s Court.
Uthe zonke izincwadi zokushayela ezikhishwe yilabasebenzi ababoshiwe sebezicishile kwi-system yabo. Okusho ukuthi mawunezincwadi zokushayela ozenze kulesisikhungo ngaphansi kwalabasebenzi, usuzokwenza ezintsha noma ngabe kawugwazanga.
Kusenjalo ama-Hawks abophe abayisishiyagalolunye (9) esifundazweni eMpumalanga, nabo baboshelwe inkohlakalo yokugwazisa ngezincwadi zokushayela. Okhulumela abe-Road Traffic Management Corporationa (RMTC) uMnuz. Simon Zwane uthe bebambisene nama-Hawks baqale umkhankaso wokulandelela izikhowe okwenzeka kuzo lo mkhonyovu wabaholela ekuboshweni kwabantu abayisishiyagalolunye kuhlanganisa nabakhipha ama-leaner’s licence.
Kulaba kuhlanganisa amaphoyisa kanye nalabo abebekhokhela ukuthola izincwadi kanti bonke bavelile enkantolo ngoMsombuluko ntambama.
Okhulumela ama-Hawks uthe bathole ukuthi kunabantu abanikwe izincwadi zokushayela bengazange bengene lapho okuhlolwa emuva kokuba bekhiphe imali. “Sibophe abantu abayisishiyagalolunye namuhla [ngoMsombuluko] ngamacala enkohlakalo nobugebengu”, kusho okhulumela ama-Hawks eMpumalanga, u-Capt. Dieno Sekgotodi.
“Labantu sibabophe emuva kokuthola ukuthi kunabantu obekumele bebhale ukuhlolwa kwe-leaner’s licence abangazange bengene ngisho egunjini obekubhalwa kulona kodwa abavele bakhokha imali banikwa izincwadi zabo. Sitholile futhi ukuthi abanye obekumele beyohlolelwa ukushayela abazange bengene ngisho ezimotweni kodwa bazitholile incwadi zabo emuva kokukhokha imali. Sibe sesijuba abasebenzi bethu abebeshaya umshoshaphansi, sakwazi ukubopha laba esibabophe namhlanje”, kusho yena.
UMnuz. Zwane we-RMTC uthe inhloso enkulu ngalomkhankaso wabo ukuqeda nya izingxabo zezingozi emgwaqeni njengoba izingozi eziningi zidalwa abantu abangaqeqeshiwe ukushayela ngenxa yenkohlakalo eyenziwa abasebenzi eziteshini zethi.