BAMANGELE KWETHULWA ISITHEMBU SIKAMAPAPUTSI ABANGASAZI EMNGCWABENI
ABANTU abebehambele umngcwabo kaSandile ‘Mapaputsi’ Ngwenya obungempelasonto bamangele kwethulwa amakhosikazi akhe amabili ekubeni bengamazi eganwe isithembu sabafazi. Kulo mngcwabo obuseSoweto kwethulwe uNkk. Nitty Nhlapho noDieketseng Ayolla Ngwenya njengamakhosikazi kaMapaputsi.
Lokhu kwenzeka nje kuke kwaba nemibiko evele ngaphambi komngcwabo ukuthi uNkk. Ngwenya uke wasuswa ngoshova esipontshini abehlezi kuso njengoba ubezilele umyeni wakhe. Nokho umndeni ukuchithile lokho, wakubiza ngamampunge.
Ngesikhathi kuqhubeka umngcwabo ehholo iDlamini Multi-purpose Centre, uNkk. Nhlapho usukume nezingane zakhe ezine baya phambili emuva kokucelwa umphathi wohlelo ukuba beyovalelisa kuMapaputsi. Umphathi wohlelo kulo mngcwabo bekuwumlingisi owaduma emdlalweni Isidingo: The Need, uMotlatsi Mafatse othule uNkk. Nhlapho njengenkosikazi kaMapaputsi.
Ekhuluma uNkk. Nhlapho ucele abangani bakaMapaputsi ukuthi bemlekelele akwazi ukukhulisa izingane zalo mculi wodumo lwengoma ethi Izinja, ukuze zikwazi ukuba amadoda afanele. “Kuzozonke izethembiso ezenziwe ezinganeni zami, sisodwa engisicelayo; ukuthi nibe khona, niqaphe amadodana ami. Anginalo ulwazi lokukhulisa abafana ukuthi bebe amadoda”, kusho yena.
Amadodana kaMapaputsi amchaze njengomuntu obevulelekile, enothandp futhi esekana. Bangeze ngokuthi ngesikhathi kuqhubeka isikhathi bagcine sebeqonda ukuthi yini edala ukuba uyise angabi bikho ukugubha nabo izinsuku zokuzalwa kwabo.
Kuthe sekukhuluma uNkk. Ngwenya kwathula du ehholo, nalapho esukume khona wathi uyena unkosikazi kaMapaputsi futhi akekho omunye.
“Umyeni wami ubengubaba wesizwe, okuchaza ukuthi mina mina bengingumama wesizwe. Ngizokwenza isiqiniseko ukuthi umsebenzi wakhe uyaqhubeka. Ngifisa abantu bazi ukuthi bengimthanda futhi ngisaqhubeka nokumthanda. Uyohlale njalo eyisithandwa sami”, kusho yena.
Ekhuluma nephephandana i-Sunday World ngaphambi komngcwabo uNkk. Ngwenya washada noMapaputsi ngo-2021 emuva kokuba behlangane ku-Aliwal North e-Eastern Cape.
Uzichithile izinsolo ebesezisabalele ukuthi kube nengxabano phakathi kwakhe nomndeni wakwaNgwenywa, echaza khona ukuthi isidumbu sikaMapaputsi silandwe eThekwini umndeni wakhe lomculi wasiyisa emakhazeni aseGoli, hhayi umndeni wakwaNhlapho njengoba sekudume kanjalo. Ukuchithile futhi ukuthi umndeni kaMapaputsi awumthathi njengomakoti wawo.
“Mina no-Nitty siyazwana kahle, futhi akukaze kube nengxabano ukuthi ubani okufanele ahlale esipontshini. Empeleni asikaze sihlale nakhona kuso nje isimpontshi; besisebenza nje sisizana nomndeninukukwenza izinhlelo zomngcwabo. Abantu bazama ukusiveza thina nomndeni kaMapaputsi njengabantu abangasile”, kusho yena.