UMUSA KHAWULA UTHI WAKHELWA UMGOGA EBOSHWA
ISIGWEBO sakhe siphelile ngesonto eledlule unontandakubukwa wakuleli, uMusa Khawula emuva kokuboshwa izinsuku ezingamashumi ayisithupha. Waboshwa ngoNtulikazi ngesikhathi ethamele ukuqulwa kwelinye iqala lakhe elalise-Vredenburg Magistrate’s Court.
Icala abeboshelwe lona elokucekela phansi isithunzi somuntu ayelifakelwe unkosikazi kaFikile Mbalula ongunobhala we-ANC, uNozuko Mbalula nozakwabo kwezamabhizinisi u-Michelle Perrow. UMusa wasola laba ekhasini lakhe ezinkundleni zokuxhumana ukuthi bakhokha intshontsho ngokuthola umsebenzi kumasipala waseGoli.
Ubhale ku-X ukuthi kwenzalakaleni ngesikhathi esejele, esho khona ukuthi ukuboshwa kwakuyinto ehlelwe kusukela ngomhlaka-30 Nhlaba. Ufake isithombe esithathwa ku-Whatsapp ebesinengxoxo phakathi kwakhe nomunye (okusolwa ukuthi usebenza ngaphakathi kwezobulungiswa), kanye nedokodo le cala lakhe. Uthe wanikwa ummeli wamahhala, kodwa lowo mmeli wahoxa ecaleni ethi ukuba khona kwakhe kuyashayisana.
Uqhubeke wathi esanda kuhoxa nje lo mmeli wathola ukuthi umbuso ufuna ukumgquma estokisini kuze kulalelwe udaba lwakhe. “Ngibe sengixwayiswa ukuthi ngiqaphele (buka isithombe sengxoxo ka-Whatsapp)”, kusho yena.
Uthe wagqunywa ejele wangachazelwa lutho ngesikhathi evele okwesibili.
Njengamanje lo nontandakubukwa ubhekene necala lokubulala obeyisoka lakhe, uWandile Khambule, okusolwa ukuthi wamshaya waze wafa ngoNdasa 2022