Imibono

KUDLA LUBI UKUHLASELWA KWAMA-SALON KULELI

LIYATHUSA impela izinga esesinyuke ngayo isibalo sezigameko zokuhlaselwa kwezindawo zokucwala izinwele kuleli. Lezi zigameko ezishiya kukhona abadutshuliwe zidla lubi ikakhulukazi endaweni yaseKatlehong, Ekurhuleni. Noma kunjalo lokhu akusho ukuthi zenzeka khona kuphela njengoba nakwezinye izindawo zibikwa lezi zigameko.

Amaphoyisa abukeka ehlalelwe umsebenzi onzima impela kwazise lezi zindawo zigcwele ikhona nekhona. Manje angaqala ngaphi nje impela uma engathi ayazigada lezi zindawo. Ngakolunye uhlangothi nginakho ukuthi kuzodingeka ukuthi amaphoyisa agcwale imigwaqo abonakale. Kuyacaca ukuthi izinswelaboya zihlale zicabanga amasu amasha nsukuzonke.

Okubuhlungu kakhulu yikho ukuthi lezi zigebengu zisuke zihlome ziyizingovolo. Zinjalo nje azicucuzi zikuthela phansi ngenhlamvu uma uke wazama ukuzigolozela. Zinjalo nje azinandaba nokuthi ungowesilisa noma ungowesifazane yini. Benjalo nje bahlasela kakhulu ezindaweni ezigcwala abantu besifazane ngoba kulapho imali ikhona.

Uma isimo sesinjena-ke, kuyadinga ukuthi umphakathi kube yiwo osebenzisana namaphoyisa ukubamba lezi zigebengu. Engikwaziyo ukuthi laba bantu okuyibo abenza lokhu kukhohlakala bahlala khona lapha emiphakathini. Ngakho-ke kungakuhle ukuba imiphakathi iwazise amaphoyisa uma ibona okuthile.

Bazophela odadewethu uma umphakathi ungasukumi ulwisane nalolu daba. Zikhona izinombolo ezishayelwayo lapho esingazisa khona amaphoyisa ngala benzi bobubi. Impela akuphele manje “ukwazi amaqiniso oMabura” bebe benza amaqiniso ngemali yegazi nezinyembezi.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.