Izindaba

U-EMTEE AKASALIFUNI ‘IXOKI’ ELIWU LOLLI NATIVE EDUZE KWAKHE

UMCULI we-rap kuleli u-Emtee uthi akasafune muntu eduze kwakhe emuva kokulaxazwa uLolli Native abesesenzisane naye ebhizinisini lo mculo isikhathi eside. Uveze ukuthi uLolli akaziphumelanga ebhizinisini kodwa umxoshile.

U-Emtee uthe ucasulwe kakhulu abantu abasizile esikhathini esiphambili kodwa abangakwazi ukubonga. “Angisafune muntu eduze kwami. Angisasizi muntu. Ababongi. Ingakho ngixoshe uLolli, ngoba uwumngani nabantu abafuna ukungibulala. Manje usezenza umuntu ohlukunyeziwe, wonke umuntu usesola mina”, kusho yena.

“Lokhu ngikwenzela ukuthi ngiphephe mina futhi ngiphile kahle. Akasiyena umuntu olungile. Unenhliziyo embi. Unomona. Abangilungele bonke labantu. Uma benezinkinga baya kubona, sebekhohliwe. Uma enenkinga uza kimina.

“Akaze angithande lona kusuka ekuqaleni nje. Lento kade yaqala. Ubesenzela ukuthola isizathu nje. Ngamnika i-contract kodwa kuze kube manje akaze ayisayine. Ngikhathele, ngidlale abantu mina”, kusho u-Emtee.

Okudidayo ngalolu daba ukuthi ukhuluma kanjena nje u-Emtee ngakolunye uhlangothi uLolli uthe yena akukho ngxabano ayaziyo yena ephakathi kwabo.

“Ngesikhathi ngisasebenza e-Emtee Records sizuze izinto eziningi futhi ngasihlonipha kakhulu isinqumo sakhe sokuthi ngikhululeke. Ngifisela i-Emtee Records nabaculi abangaphansi kwayo impumelelo kuphela ekusaseni labo”. kusho uLolli.

Ebuzwa ngalokhu okushiwo u-Emtee ukuthi ubeka impilo yakhe encupheni, uthe akukho angakusho ngalo mculi okungekuhle. “Ngiyohlezi ngilibonga njalo ithuba anginika lona u-Emtee. Akukho okubi engingakusho ngaye”, kuphetha yena

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.