Izindaba

UBOSHIWE OWESIFAZANE OBULALE INGANE KWISIBANDISI EJAHE UBUMNANDI

UTSHELE amaphoyisa ukuthi ubezitshela ukuthi ufaka inyama kwisibandisi owesifazane waseKutlanong, eFree State oboshelwe icala lokubulala ingane yakhe ngokuyifaka kwisibandisi yena wahamba nabangani. Kuthiwa lona wesifazane onguMamello Taele uzinikele emaphoyiseni esebona ukuthi limshonele.

Lona wesifazane oneminyaka engamashumi amabili nesikhombisa (27) uzovela enkantolo e-Odendaalsrus ngoMsombuluko.

Ngokombiko esiwutholile amaphoyisa alunywe indlebe umakhelwane ongathandanga ukudalulwa ukuthi kunosana olufakwe kwisibandisi emjondolo walo wesifazane. Amaphoyisa afike ngokushesha ayithola ingane isongwe ngejezi, unina wayo engabonwa nangokhalo.

Kubizwe abezimo eziphuthumayo, abafike endaweni yesigameko bahlola umzimba wengane, base beyiqinisekisa njengesishonile. Bathe ibulewe ukungenwa kakhulu amakhaza ngoba ivalelwe kwisibandisi izinsuku ezintathu.

Umama wengane ngakusasa uzinikele yena emaphoyiseni, okuthe uma ebuzwa ukuthi kungani enze lesi senzo esibi kangaka wathi ubezitshela ukuthi ufaka inyama kwisibandisi, ubengaboni ukuthi ingane.

Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi uboshwe ngaleso sikhathi.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.