Izindaba

KUFUNWA ABADLWENGULE OWESIFAZANE EHAMBA NOMYENI WAKHE

AMAPHOYISA kamasipala waseTshwane afuna abantu abesilisa abadlwengule owesifazane obehamba nomyeni wakhe esigamekweni lapho bephangwe khona imoto yabo e-Proclamation Hill ePitoli ngoLwesihlanu ebusuku.

Okhulumela amaphoyisa akulo masipala, u-Isaac Mahamba uthe ithimba labo libiziwe kulesigameko lapho kuphangwe khona imoto eyi-van i-Nissan Hardbody ngoLwesihlanu ebusuku.

“Amalungu ethu alandele umkhondo owafikise kuyona imoto isishiwe e-Saulsville e-Pretoria West. Abasolwa bahambe nezisulu bagcina ngokudlwengula unkosikazi”, kusho uMahamba.

Eqhubeka echaza uthe abasolwa abatholakalanga kodwa kuvulwe icala lokuphanga, elokuthumba nelokudlwengula. Amaphoyisa kamasipala asebenza namaphoyisa e-SAPS ukuze kubanjwe lezigebengu.

“Umnyango wamaphoyisa unxusa amalungu omphakathi ukuthi angaba nolwazi ngalesigameko ukuthi exhumane nesiteshi esiseduze nawo noma akamasipala waseTshwane kule nombolo ethi 012 358 7095” kusho yena.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.