USAZIWAYO UDINELWE ABAMGCONA NGOKUTHENGA E-SHOPRITE
UMLINGISI osedlale emidlalweni eminingi kuleli, uLinda Sebezo useveze ukudinwa kwakhe kulabo abamgcona ezinkundleni zokuxhumana emuva kokubonakala ethenga izimpahla esitolo sase-Shoprite. Ufake i-video ekhasini lakhe elikuzo izinkundla zokuxhumana ebaselekile ngenxa yabantu athe bangena izinto ezingahlangene nabo.
Lo msindo uqale ngokuthi kube khona ofake ezinkundleni zokuxhumana isithombe salo mlingisi ethenga esitolo sase-Shoprite, wase ethi abantu abasezingeni lakhe kumele bathenge ezitolo ezingcono kunalesi.
Akachithanga sikhathi uLinda kodwa waziphendulela, esho khona ukuthi angeke avume ukwenza into ethandwa abanye abantu ukuze ajabulise labo abamgxekayo.
Kwi-video ayifakile ekhasini lakhe lapho eziphendulela khona uthe: “Anisazi manje ukuthi nifuna ukuthini. Uma nikhuluma ngabantu, nivele nikhulume ngezinto engingaziqondi.
“Nike nithi ngikhulelwe, nibuye nithi ngifile. Manje seninenkinga nami mangithenga e-Shoprite. Ikhona yini into engalungile uma umuntu ethenga e-Shoprite?”, kubuza yena.
Ucacisile ukuthi yena vele uwumuntu ozehlisile ngokwendalo, egcizelela ukuthi uthokozile ngempilo yakhe futhi akaboni sizathu sokushintsha indlela aphila ngayo ukuze ajabulise abagxeki bakhe. “Ngiyakholelwa ekutheni ngiwumuntu wabantu, ingakho ngikhetha le ndlela engiyihambayo.
“Senidlobe kakhulu manje, niyasigcona. Nginomndeni mina, futhi angilali ngingadlile. Engathi senidlobe kakhulu manje. Okuka-Shoprite kuncane kakhulu, ngihlala eSoweto mina”, kusho yena.
Lo mlingisi osehlale isikhathi eside kule ndima yokulingisa uthe iyakhula lento yokuthi abantu ezinkundleni zokuxhumana bahlulele osaziwayo ngezinqumo zabo abazithathayo. Uthe abanye baze bakhulume ngisho izinto ezingekho ngoba benzela ukunakwa nokungagcina kudala izinkinga ezinkulu. Uphethe ngokuthi yena angeke athule evumele abantu bakhulume noma yini abayithandayo ngaye.