OWE-TROMPIES UGXEKE UHULUMENI NGOKUTHANDA ABACULI ASEBESHONILE
BEYISHA phezulu ingoma enkonzweni yokukhumbula umculi weKwaito ongasekho, uSandile ‘Mapaputsi’ Ngwenya oshone ngesonto eledlule emuva kokugula isikhathi esingangonyaka. Le nkonzo ebibanjelwe e-Eyethu Heritage Hall eMofolo eSoweto ngoLwesine ibigcwele abaculi, osopolitiki, abalandeli bakaMapaputsi kanye namalungu omphakathi.
Abebehambele inkonzo yokukhumbula lo mculi wodumo lwengoma ethi Izinja bonke bakhulume ngazwi linye, bebiza lo mculi ngenkakha yeKwaito ebinezwi elihlukile, futhi izithobile.
UMapaputsi ushonele esibhedlela esiseThekwini emuva kokugula kusukela ngomhlaka-23 Mfumfu 2023, ephuma engena ezibhedlela. Umdidiyeli wezingoma osebenze noMapaputsi umncome kakhulu, wathi ubenezwi eliwumazibuthe futhi elinomndlandla. Uthe uzomkhumbula ngokungesabi lutho.
Kosaziwayo abakhulume kule nkonzo kubalwa nomlingisi uMahlatse Mafatse oqale inkulumo yakhe ngokudlala ingoma ethi Izinja, ekhumbuza izethameli ngabanye abantu abavelele abaphuma elokishini laseZola abanjengoMandoza, Zola, Brickz naye uMapaputsi. “UMapaputsi ubenika ithemba kithi sonke. Besigqugquzeleka kakhulu ngaye. Usithathe phansi ezintulini wasibeka emicimbini yezindondo” kusho yena.
Unkosikazi wakhe u-Ayolla Ngwenya, uthe uzolikhumbula izwi lo myeni wakhe nendlela nje ehlukile abedalwe ngayo. “Kwamanje ngiyamkhumbula. Ngimncane kakhulu ukuthi ngingaba kulesi simo. Ngiyakhuleka ukuthi uNkulunkulu angiphe isibindi namandla okuqhubekela phambili”, kusho yena.

Isithombe: Sishuthwe enkonzweni yokukhumbula uMapaputsi
Eqhubeka ubonge umnyango wezemidlalo, ubuciko namasiko obumelwe usekela-ngqongqoshe wawo uMnuz. Pule Mabe, ngomsebenzi owenzela amaciko aseNingizimu Afrika. Uphinde wabonga i-Samro ngokuseka amaciko ngaso sonke isikhathi. “Ukuba khona kwenu kusho lukhulu kimina. Ngifuna futhi ukubonga umphakathi waseZola ngokungeseka kwenu. Benihlale nikhona ukweseka uMapaputsi ngezikhathi zobunzima”, kusho u-Ayolla.
Uphethe ngokumemezela ukuthi umyeni wakhe uzongcwatsha emathuneni ase-Heroes Acre e-Westpark Cemetry ngoMgqibelo.
Umculi weKwaito oyilungu le qembu i-Economic Freedom Fighters, u-Eugene Mthethwa ugxeke kakhulu uhulumeni waseNingizimu Afrika ngokuthi unaka abaculi uma sebengasekho kuphela. “Kungani kumele sigubhe impilo yomuntu ngoba eseshonile? Bangaki nje abantu abamvakashele ngesikhathi egula, ukumbheka nje ukuthi usesimeni esikahle yini? Kodwa uma eseshonile amaciko bahlaliswa ezihlalweni ezingaphambili” esho ebhodla umlilo.
“Uma kufa umuntu osembuthweni noma oyiphoyisa kuba ozakwabo abahlala ngaphambili, kodwa lapha kithi, kubaculi beKwaito nakumaciko onke nje, sihlaliswa emuva kube uhulumeni onakwayo.
“Kwakufana nje nakoMandoza nabanye abaculi beKwaito. Uhulumeni useka abashonile kuphela”, kusho uMthethwa.