U-TYLA UQHUBEKA NOKUWOLA IZINDONDO PHESHEYA
UMCULI we-R&B ongowokozalwa eNingizimu Afrika kodwa ozinze phesheya, u-Tyla uyaqhubeka nokuwola izindondo njengoba kuthe ngoLwesithathu waphinde wanqoba indondo ku-2024 MTV Video Music Awards emkhakheni we-Best Afrobeats , emcimbini obuse-Elmont e-New York.
Ukunqoba kuka-Tyla le ndondo kumenze waba owokuqala kuleli ukuhlabana ku-MTV Video Music Awards. Le ndondo uyiklonyeliswe ngengoma yakhe ethi Water, esibukwe amahlanda angu-230 million ku-YouTube, bese eba ngu 800 million ku-Spotify.
Ngesikhathi amukela le ndondo lomculi wenze ihlaya wathi iyamsinda. “Bafethu niyazi mina nobamba indondo, yoh hai. Anginamandla”, kusho yena wabe esecela u-Lis Nas X obemi eduze kuka-Halle Bailey ukuthi amphathele. indondo yakhe.
Ubonge abe-MTV, abalandeli bakhe (ababiza ngama-Tyger), ithimba asebenza nalo kanye noNkulunkulu.
“Isikhathi esikhulu kakhulu lesi kubantu base-Afrika kanye nomculo wase-Afrika”, kusho yena.
Lo mkhakha we-Afrobeats aphumelele kuwona u-Tyla ufakwe kuma-MTV MVA ngo-2023, kanti ngalowo nyaka unqotshwe o-Rema no Selene abebecula ndawonye. Okokuqala ukuthi unqotshwe umuntu ocula yedwa.
“Ukuthandwa kwengoma ethi Water emhlabeni wonke jikelele kubonisa ukuthi umculo wase-Afrika ungaba i-pop nawo”, kuqhuba yena.
“Kukhulu kakhulu okwenzekayo, ngakolunye uhlangothi kumuncwana ngoba kunomkhuba wokucabanga ukuthi abaculi ase-Afrika bonke benza i-Afrobeat. Ilokho nje, yize noma umculo we-Afrobeats usivulele iminyango kodwa kumele kwaziwa ukuthi umculo wase-Afrika usabelele kakhulu, ungaphezu nje kwe-Afrobeats”, kwenaba yena.
“Ngivela eNingizimu Afrika. Ngimele amapiano. Ngimele isiko lami, ngifuna ukuphakamisa bonke abaculi be-Afrobeats abakulo mkhakha engikuwona”, kusho yena. Ube esebiza amagama o-Tems, Ayra Starr, Lojay, Rema, Wizkid no-Burna Boy wasethi: “I-Afrika ingenile emhlabeni”.
Abanye abaculi abebesemkhakheni we-Afrobeats ngo-Giveon, Burna Boy, Chris Brown eno-Davido no Lojay, Tems, Usher eno Pheelz.
Eminye imikhakha abeqokwe kuyona u-Tyla owe-Best New Artist nowe-Best R&B. u-Tylor Swift uyena oqoqe izindondo eziningi kulo mcimbi njengoba ehambe neziyisikhombisa, kuhlanganisa neye-Video of the Year ngengoma ethi Forthnight ayenza no-Post Malone.
U-Sabrina Carpenter unqobe i-Song of the Year, kwathi u-Chappell Roan yena wanqoba i-Best New Artist. Abanye abadle umhlanganiso o-SZA, Eminem, Lenny Kravitz no-Blackpinkis Lisa.