KUSHUBILE PHAKATHI KWENDODANA KA-ROBBIE MALINGA NENTOMBI YOZALWA U-DJ TIRA
KUXUBENE ubendle ohlelweni olubonisa impilo yangempela yezingane zosaziwayo i-Born To Fame njengoba indodana yomculi, u-Robbie Malinga isivulele icala uKhanya Mtsaka oyintombi yendodana ka-DJ Tira, u-Tank ‘The Rockstar’ Khathi.
Kuthiwa lo msindo usuke emuva kokuba u-Robbie Junior edalule ohlelweni oludlala ku-Showmax ukuthi uKhanya uyamhlupha ku-inbox wakhe, nokuyinto intombi ka-Rockstar engayiphathanga kahle. Kuthiwa ibe isiqala ukukhuluma amagama ayiziswana iwabhekise ku-Robbie Junior, isho nokusho ukuthi izomphilisa kanzima.
Umthombo osondelene no-Robbie Junior uthe uqale wayithatha kancane lento, ezitshela ukuthi kuyadlalwa. Inkinga iqale esebona elandelwa izimoto ezehlukene angazazi, nomaphi lapho eya khona.
“Uqale ukunaka esebonia elandelwa zimoto ezehlukene, wabe esetshela umama wakhe, u-Ann Malinga ngazo lezi moto ezimlandelayo. Unina ube esemqonda uKhanya ukuthi akahlukane nendodana yakhe, ezitshela ukuthi zizoyeka lezi moto ukulandela indodana yakhe. Kuthiwe zibe sezilandela yena uma ehambise indodakazi yakhe encane esikoleni”, kusho umthombo.
Ngokusho kwawo lo mthombo uKhanya ubeqhubekile ethumela imiyalezo esabisa u-Robbie Junior. “Yini elokhu elandela umfana omncane ngento ayenza vele?”, kubuza umthombo.
Omunye umthombo osondelene nabakhiqizi balo mdlalo uthe u-Ann uselubikile lolu daba lokulandelwa kwendodana yakhe zimoto ezingaziwa nokuthi ayithokozile ngalezi nsongo nokusabisa ekutholayo, nomgudu osuthathwa ilolu hlelo, nokuyinto yena [u-Ann] angeneme ngayo. Ugcine ephoqa indodana yakhe ukuba ivule icala.
Kuthiwa angase angabuyi u-Robbie Junior nge-season elandelayo yalolu hlelo njengoba ekhala ngendlela aphethwe ngayo abanye abayithimba lwalo. “Banakho nje ukumnaka, benze amahlaya okumgcona kangangokuthi akasakuthokozelicnhlobo ukuba kulolu hlelo. Ngisho imicimbi eyenziwayo akasayi kuyona”, kusho umthombo.
Okhulumela amaphoyisa aseGauteng, u-Captain Tintswalo Sibeko ukuqinisekisile ukuthi likhona icala lokusabisa elivulelwe uKhanya.