Izindaba

ISIFIKE KU-R4.1 BILLION IMALI ENYULWE ABAFUNA EYOMHLALAPHANSI

INHLANGANO eqoqa intela kuleli i-South African Revenue Service (SARS) imemezele ngoLwesithathu ukuthi isithole izicelo ezingu-161 607 zabantu abafuna ukunyula ebhodweni lemali yomhlalaphansi kusukela ngomhlaka-1 Mandulo. I-SARS ithe imali isiyonke yalazi zicelo isifinyelele ku-R4.1 billion.

Le nhlangano ngesikhathi ikhipha isimemezelo kwabezindaba ithe ukufaka isicelo sokuhosha lemali kuthatha amahora angamashumi amane nesishiyagalombili (48 hrs).

“Kusukela ngomhlaka-1 kuya ku-10 Mandulo 2024 sithole izicelo ezingu-159 853 zabafuna ukunyula imali ebhodweni nokwenza isibalo sibe ku-98.9%, okusho ukuthi i-SARS ithola izicelo ezingu-17 964 ngosuku”, Kusho isitatimende se-SARS.

Ukhomishani we-SARS uMnuz. Edward Kieswetter uthe uma imali isafakwa esikhwameni sempesheni noma sokuthatha umhlalaphansi ayidonswa intela kodwa intela idonswa uma imali isikhishwa esikhwameni, nokuba inani elithile ngokwendlela i-SARS ebala ngayo.

“Laba abakhipha imali manje izobe isibaliwe eyentela ezodonswa”, kusho yena.

Uma umuntu efaka isicelo esikhwameni ubeka inani lemali afuna ukuyenyula bese i-SARS ithola isaziso sokuthi kumele ibale imali okumele iyidonse ngobuchwepheshwe be-eFiling. Bese uma sekubaliwe imali yentela ibe isidonswa ngaphambi kokuba umuntu athole imali yakhe.

“Abantu abakweleta i-SARS kumele bazi ukuthi leso sikweletu sizokwengezwa kulona inani le mali ezodonswa”, kusho u-Kieswetter.

Eqhubeka echaza uthe uma umuntu okweleta i-SARS kunezinhlelo azenzile zokukhokhela isikweletu sakhe, i-SARS izobamba imali yayo ngendlela okuvunyelwene ngayo phakathi kwayo nomkhokhintela.

I-SARS ithe izizathu ezibekwayo ngokukhipha lemali kube ilezi:

*Ukuhlukanisa umshado

*Ukushintsha isikhwama sokugcina imali yomhlalaphansi

*Ukunyula imali komkhokhintela

Ithe njengoba izibalo zishintsha usuku nosuku, yona izolokhu yazisa umphakathi ngokuqhubekayo.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.