UMYENI KAZANELE MBOKAZI UTHUTHA AMA-CROWN GOSPEL AWARDS
EMUVA kwenyanga eshonile obengumsakazi woKhozi FM nomsunguli we-SABC Crown Gospel Awards, UZanele Mbokazi-Nkambul umyeni wakhe u-Bishop Mpendulo Nkambule usememezele ukuthi lo mncintiswano wezindondo usuzosuka eSoweto uye e-Midrand. Lokhu Bishop Nkambule ukumememzele ngoLwesibili esithangamini sabezindaba.
Uthe umcimbi uzoqhubeka ube sesifundazweni iGauteng kodwa usuzoshintsha indawo njengoba usuzobanjelwa eGallagher Estate Convention e_Midrand.
“Umlando uyaqhubeka, siyabonga futhi ukuthi ngokusekwa esikutholayo. Sifuna ukubonga uhulumeni waseGauteng nabaxhasi abalokhu beseeke njalo kusukela kushone umqondo nombono walo mncintiswano, osebenze nethimba elibanzi”, kusho uBishop Nkambule.
Kuzokhumbuleka ukuthi uZanele ushone ngoNcwaba emuva kokuxinwa isifo somdlavuza wamaphaphu ngoNhlaba esezindlini zomsakazo Ukhozi FM, waze wahluleka ukuqedela uhlelo lwakhe oluthi Eshilo obelungena njalo ngeSonto.
Emuva kokushona kukaZanele imbongi edumile uMzwakhe Mbuli wamemezela ukuthi ama-SABC Crown Gospel Awards angumqondo wakhe. Nokho wabuye wathi akazange abe nankinga uma ebona eZanele eqhubeka nawo ngoba ayezosiza abaculi bomculo wokholo ababenganakwe muntu.
“Ngakhetha ukuthi ngimyeke uZanele aqhubeke nawo ngoba wayehlonipha ngawo abaculi bowokholo ababenganakwe muntu isikhathi eside”, kusho yena.