U-BABES WODUMO ‘UGWEVE’ NENGOMA AYENZE NO-DJ KOTINI
SEKUNEMPI yombango wengoma esanda kuqoshwa ethi Nzo Nzo Nzo phakathi kuka-Babes Wodumo no-DJ Kotini. Lokhu kuza emuva kokuba ngesonto eledlule u-DJ Kotini efake i-video ekhasini lakhe ezinkundleni zokuxhumana ese-studio naye u-Babes Wodumo kuqoshwa ingoma, lapho ethe u-DJ Kotini uvuselela umculo ka-Babes.
“Uyabuya” Kusho u-DJ Kotini efake negama lakhe u-Babes Wodumo.
Muva nje sekuvele ukuthi le ngoma iyabangwa futhi sekuqala ukushuba njengoba umthombo osondelene nalolu daba utshele iZimoja ukuthi u-Babes Wodumo akasafuni ikhishwe ngokusemthethweni le ngoma.
Ngokusho kwemithombo, u-DJ Kotini uyena owakhuluma no-Babes Wodumo ukuthi abe ingxenye yale ngoma, kanye nomunye umculi obizwa ngoMadanon. Umthombo uthe inkinga iqale ngesikhathi inkampani eqopha u-Babes ihlangene naye sebevukwa umhobholo, emuva kokuba beyizwile le ngoma ukuthi izoshisa kakhulu kuleli hlobo, banquma ukuthi bengabe besayidedela.
“Bashintshe umqondo emuva kwesigcawu sokulalelwa kwayo base bebona ukuthi abangabe besayidedela”, kusho umthombo.
Uqhubeka lo mthombo uthe u-DJ Kotini uyena okhokhele ukuqoshwa kwale ngoma e-studio, wabe esecela u-Babes Wodumo ukuthi angene naye. Umthombo ubike ukuthi lokhu kuziphatha kuka-Babes Wodumo kuzophazamisa izinhlelo zika-DJ Kotini njengoba ubehlele ukukhipha le ngoma ngesikhathi samaholidi kaZIbandlela.
Kubikwa ukuthi u-DJ Kotini iyamcasula yonke lento njengoba efuna ukwenza izinhlelo zamaholidi manje kodwa u-Babes umnikeza inkinga. Kuthiwa u-DJ Kotini uze waphakamis ukuthi kungcono bavele beyikhiphe le ngoma njengeqembu kodwa nalapho u-Babes Wodumo udiza inkani.
Ngokuka-DJ Kotini ingoma yakhe lena, u-Babes Woduma umfakile nje kuyona. “Ingoma yami lena futhi naye uyakwazi lokho. Utshele yona iZimoja ukuthi uzokhipha i-single ekupheleni kukaMandulo.
Kukhulunywa no-Babes Wodumo uthe uzokhuluma uma isikhathi sesikahle okwamanje angeke asho lutho.