Izindaba

BANGU-6000 ABOKUFIKA ABASEBENZA KUHULUMENI WAKULELI

UNGQONGQOSHE wezabasebenzi bakahulumeni eNingizimu Afrika, Inkosi Mzamo Buthelezi udalule ukuthi bangaphezu kwezinkulungwane eziyisithupha (6000) abakofika abasebenza kuhulumeni wakuleli. Uthe bafinyelela ku-6220 abantu bangaphandle abaqashwe eminyangweni kahulumeni ezifundazweni nakuzwelonke, kanjalo nasezikhungweni ezingaphansi kukahulumeni ngokombiko ophothulwe ngomhlaka-31 Ntulikazi.

“Le nombolo engu-6220 yenaza u-0.5 wabasebenzi bakahulumeni abangu-1.2 million, lokhu kuhlanganisa laba abaqashwe ngokugcwele nabayitoho kanye nalaba asebenobuzwe bakuleli”, kusho yena.

Ngokwezifundazwe Inkosi Buthelezi iveze ukuthi, iGauteng iyona ehamba phambili ngokuba nabasebenzi abaningi abangabokufika njengoba bengu-1705, kulandele iMpumalanga ngabangu-653, iKwaZulu-Natali ngabangu-647 ne-Eastern Cape ngabangu-579.

Lo mbiko uveza ukuthi eGauteng kubanantu abangu-826 bokufika abasebenza emnyangweni wezemfundo, bese abangu-839 bona basebenza kowezempilo.

Izifundazwe eziqashe abantu bokufika abancane yi-Western Cape njengoba bewu-353, eLimpopo bawu-291, bese e-Free State bebe u-235. Kuhulumeni kazwelonke izikhala ezingu-724 zivalwe abantu bokufika, emnyangweni wezemfundo bangu-291 bese kowokuthuthukiswa komthethosisekelo bebe ngu-201.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.