EZEMFUNDOIzindaba

UTUSWE NGOKWETHULA ABAZALI UMTHWALO UDKT. ANDILE BIYELA

ISIKOLE esenza kahle kakhulu kumncintiswano wezamasiko wezikole zamabanga aphansi, uWhebede Primary School sesibhalele umhlonishwa uDkt. Andile Biyela oyilungu lesishayamthetho saKwaZulu-Natali elimele i-IFP, simbonga ngokulekelela abafundi ukuba bakwazi ukuya kulo mncintiswano obuseThembeni Community Hall, KwaDukuza ngesonto eledlule.

“Ubuholi besikole nesigungu esilawulayo bafisa ukuthatha ithuba bebonge kumhlonishwa wethu uDkt. Menziwa ngokulekelela isikole sethu ukuze abantwana baso bakwazi ukuya emncintiswaneni wamasiko obuseThembeni Community Hall”, kubhalwe kanje encwadini ebibhekiswe kuDkt. Biyela.

Lesi sikole esiseMacambini ngaphansi kukamasipala waseMandeni besilokhu siziqoba zonke ezisesifundeni saso saze safika esigabeni esiphezulu somncintiswano, nokubeke umthwalo omkhulu emahlombe abazali njengoba bebelokhu bekhokhela izindleko zokuhambisa abantwana.

Ilapho umhlonishwa uDkt. Biyela angenelele khona, bakwazi ukuhamba abantwana. Uyaziwa uMenziwa ngokuba nemibono ephusile yokuphucula nokuthuthukisa ezemfundo. Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambi kokhetho lukahulumeni kazwelonke nolwezifundazwe ubambe elikhulu iqhaza ekuhleleni isithangami ebesikhuluma ngezemfundo kanye nokudalwa kwamathuba emisebenzi ebesiseMandeni. Kuthe ngonyaka odlule uDkt. Biyela ezwa ngosizi lwabafundi abayishumi nanye abebengenawo umfaniswano wesikole khona oHwebede Primary School, kuhlanganisa nezicathulo wakhipha imali ephaketheni lakhe wabathengela.

Umncintiswano wezamasiko wenzeka minyaka yonke lapho abafundi benza imigidi ehlukene yesintu, okuhlanganisa ukushaya ingoma, ukuhuba amahubo nokunye okuningi. Ubambe elikhulu iqhaza ekugqugquzeleni abantwana ukuba bazibandakanye nemidlalo eyenziwa esikoleni, ukuqhakambisa amasiko kanye nemikhuba emihle eyenziwa isizwe samaZulu.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.