ABANTUIzindaba

UTHENGE IMOTO WAYETHA IGAMA OWE-SKEEM SAAM

UMLINGISI womdlalo owuchungechunge oboniswa ku-SABC 1, i-Skeem Saam uthenge imoto wayiqamba igama elithi ‘Snowy’. UMahlatsi Moropo odlala indawo kaLetetswe kulo mdlalo uthe ujabule ngokuthenga le moto yakhe entsha.

Ngenyanga edlule unqobe indondo emkhakheni we-Viewer’s Choice Best Actor kuma-Royalty Soapie Awards kwase kuthi kule nyanga wathenga imoto entsha ceke.

Lo mlingisi oneminyaka engamashumi amabili uthe le moto ayithengile ingeyoqala empilweni yakhe. “Imoto yami yokuqala lena. Sengiyiqambe negama. Ngathi iphupho yonke lento. Ngithenge imoto yami ezinsukwini ezedlule, kusengathi into engelona iqiniso mangingena phakathi”, kusho uMahlatsi.

Uthe bekuvele kuyinto eyiphupho ukuba nemoto ethi yena. “Ngangifuna ukuba nemoto ukuze ngizizwe ngithokomele futhi ngikwazi ukwenza izinto engifuna ukuzenza. Bekuyinto esohlelweni lwami kulo nyaka futhi ingithokozise kakhulu.

Isithombe: UMahlatsi emi eduze kwemoto yakhe entsha

UMahlatsi uthe lezinyanga ezimbili ezedlule kuyena kube ezentokozo. “Ngizizwa ngibusisekile futhi ngingothandiwe kakhulu. Ukunqoba kuma-Royalty Soapie Awards kwba into enkulu kakhulu kimina futhi ngiye ngizincize ukuze ngizwe kahle ukuthi kuseyimi ngempela kodwa. Kwangithoba kakhulu ukuthingihlonishwa abantu abakulendima kanye nozakwethu abangontanga”, kusho yena.

Uthe okumfikelayo uma ezuza izinto ezinkulu kanje ukuziqhenya kanye nokuneliseka.

“Kuyajabulisa futhi ukuthola amathuba anjengalawa engiwatholile mina kanye nokwesekwa engikutholile kulo ndlela. Kungikhumbuza ukuthi ngilapho okumele ngibe khona, ngenza lokhu engikuthandayo. Kubuyisa ukuzethemba kimina futhi kuyangigqugquzela ukuthi ngiqhubekele phambili ukuthi ngifune okukhulu kakhulu”. kusho yena.

Uthe ufisa ukuthi impumelelo yakhe igqugquzelele abanye abantu. “Kuyinto ekhuthazayo ukuthi ngibe sesimeni lapho ngikwazi ukugqugquzela nabanye abantu empilweni futhi ngenze umehluko ezimpilweni zabo”, kusho yena.

Eqhubeka echaza uthe eminyakeni emihlanu edlule ubengaziboni ekuleli zinga empilweni yakhe. “Bengisalokhu ngiwumuntu ofundayo futhi okhulayo nje. Bengingenaso isithombe isithombe sokuthi ngifuna ini kahlehle. Ngesikhathi ngiba namaphupho bekungacacile ukuthi ngifuna into ekanjani.

“Mangibheka emuva ngiyamangala ukuthi ngisuka kuphi futhi sengizuze izinto ezinganani”, kusho lo mlingisi waseLimpopo.

Uthe ubonga ukwesekwa nothando aluthola kubalandeli bakhe. “Uthando eninginika lona lusho lukhulu. Amazwi amahle eniwadlulisayo nemiyalezo yokungigqugquzela yenze umehluko omkhulu. Yinina eningifise lapho engikhona. Ngiyabonga ukuthi nibe umthombo lapho engithola khona ukugqugquzeleka. Ukungeseka kwenu kuyisipho kimina futhi ngiyakuthokozela kakhulu ngaphezu kokungachazwa amagama”, kusho yena.

Uthe okwamanje usazama ukuzikhulisa futhi athuthukise ikhono lakhe, abheke namanye amathuba amasha agxile nasebuyiseni emuva.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com