UMBUSO UFAKE ISICELO SOKUBA LISHENXE IJAJI KWELIKA MBORO
UMBUSO usufake isicelo esiphuthumayo enkantolo kamantshi i-Palmridge Magistrate’s Court lapho ifuna khona ukuba lishenxe ijaji elisingethe udaba lukaPaseka ‘Pastor Mboro’ Motsoeneng. Kulesi sicelo, umbuso uthi ijaji Katlego Mokoena okunguyena olalele lolu daba ubukeka engeke akwazi ukuthi akhiphe isinqumo esingadungekile.
Umbuso ubalule ukuthi leli jaji lenze okungeyikho ngokuthi libizele abameli ba-Pastor Mboro emahhovisi alo ngaphandle kokuwubiza nawo umbuso. Kusolakala ukuthi leli jaji libe selitshela abameli ba-Pastor Mboro ukuthi bahambe bayolungisa amaphutha abekhona ku-afidevithi abebeyenzile ukufaka kabusha isicelo sebheyili.
Ujaji Mokoena uphinde wasolwa umbuso ngokuthi wenze izimo zokusebenza kukamshushisi obhene necala zaba bukhuni. Lokhu kulandela amagama okusolwa ukuthi uwashilo ebhekise kumshushisi emsola ngokuthi uqinisa isandla kakhulu kummangalelwa, okunguMboro kuleli cala.
Isizathu sokugcina esibekwe umbuso ukuthi mhla zi-2 kuMandulo leli jaji labhalisa icala elalifakwe ngumsolwa yize ayengekho amaphepha adingekayo ukuze lokho kwenzeke.
Ngokusho kwawo umbuso, lesi senzo sikajaji Katlego Mokoena senza umbuso ube nongabazane ekutheni angakwazi ukukhipha isinqumo esiyiso. Umbuso ukholelwa ukuthi lokhu kungamenza agcine ekhipha isinqumo esivuma ummangalelwa ngisho ngabe kuthiwa icala liyamlahla. Imizamo yokuthola abamele u-Pastor Mboro ukuze baphawule ngalolu daba ayiphumelelanga njengoba belungabanjwa ucingo.
Kulindeleke ukuthi inkantolo ikhiphe isinqumo ngalolu daba mhla ziyi-11 Mandulo 2024.