EZISEMATHENIIzindaba

U-SAMTHING SOWETO WAQAMBA AMANGA NGENGOMA YAKHE UKUZE ITHENGWE

UMCULI okuke kwasuka umsindo ngokungafakwa kwegama lakhe engomeni ethi Amalanga Awafani ngesonto eledlule, u-Samthing Soweto useveze ukuthi waqamba amanga ngesikhathi ethi umculo wakhe wadidiyelwa u-DJ Maphorisa. Lo mculi ukusho lokhu ngoLwesibili emuva kwezinkulumo ezibe khona ngokusebenzisana kwakhe no-DJ Maphorisa.

Abantu babhale ezinkundleni zokuxhumana emuva kokuzwa izwi lakhe engomeni ethi Amalanga Awafani kodwa bangalibona igama lakhe libhaliwe. Ngokusho kuka-DJ Maphorisa okuqoshelwe le ngoma e-studio sakhe, uthe u-Samthing Soweto akukho akwenzile kuyona futhi wambeka njengomuntu okungasebenzeki naye. Abantu ababhalwe njengababambe iqhaza kule ngoma o-Lawd Weezy, Star Quality no-DJ Maphorisa.

U-Samthing Soweto uthe wakhokhela u-DJ Maphorisa ukuze aqophe ingoma. “Ngakhokhela uPhori (esho uDJ Maphorisa) imali ayeyifuna ngaleso sikhathi. Ngaphezu kwalokho, ngaqamba amanga ukuthi khona akwenza emsebenzini wami.

“Akazange adidiyele lutho. Ngaqamba amanga ngoba ngangikholwa ukuthi kuzongisiza ukuthi idayise kakhulu i-album. Iqiniso ukuthi ngangingathembi ukuthi umculo wami uzodayisa kahle uma lingekho igama lakhe njengomdidiyeli.

“Abalandeli bami bawuthanda lo mqondo wokuthi kuthiwe uyena odidiyele yonke i-album futhi ngangingeke ngiphikisana nalokho ngakho ngaqamba amanga”, kusho u-Samthing Soweto

Uqhubeke waveza ukuthi wayefuna ukudayisa ama-record kodwa wayengazi kuzomele awakhokhele ngayo le mali yakhe ayisebenze kanzima. Uthe futhi wayengazi ukuthi u-DJ Maphorisa uzohambe etshela abantu ukuthi uyamondla.

“Ngiyaphinda futhi akazange awudidiyele umsebenzi wami. Ngasebenza no-Mas Musiq, Haward no Kabza De Small e-studio, owadidiyela phakathi kuka-40 no 60% womsebenzi wami, kuye ngokuthi wena ubuka kanjani. Bengayigcina yonke imali abeyenzayo besebenzisa izwi lami noma izingoma zami futhi behambe betshela abantu akusebenzeki nami”, kusho u-Samthing Soweto.

Lo mculi wodumo lwengoma ethi Akulaleki uthe okwamanje ubesakhuluma ngale ndaba yokuthi uDJ Maphorisa uhambe ethi wamenzela le-album ethi Isiphithiphithi.

“Mase sikahle isikhathi ngizokhuluma ngale ngoma ethi Amalanga Awafani. Kunomsebenzi owenziwayo ngemuva, ngiyabonga ukungeseka. Ngiyakuthokozela kakhulu lokho”, kuphetha yena.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.