EZISEMATHENIIzindaba

KUSIZE AMAPHOYISA ESEQOLA UMNDENI UMNGANI KAMAPAPUTSI

KUSOLWA umngani womculi osanda ukushona emuva kokugula, uMapaputsi ngokufuna ukuqola umndeni ngesikhathi uhlela ukulanda isidumbu sakhe eThekwini njengoba ashonela esibhedlela esikulo leli dolobha.

Emuva kokushona kukaMapaputsi kuthiwa lo mngani utshele umndeni wakhe ukuthi uzowusiza ngokuwuthathela isidumbu sakhe, sisuka eThekwini siya eGoli mahhala. Ube esewuphoqa ukuthi usebenzise inkampani aseyiqokile yena ukuba ingcwabe lo mculi wodumo lwengoma ethi Izinja nokuyinto abangayivumanga. Emuva kwalokho ube esenqaba nesidumbu, ethi angeke besithole.

Lo mngani kuthiwa uthe wayebona ukuthi umndeni kaMapaputhi ugoloza impela ukungcwaba ngale nkampani yabangcwabi ebisiqokwe uyena wabe esefuna kuwo imali engu-R50 000 ukuze uthole isitifiketi sokushona kwakhe esikhishwa umnyango wezasekhaya.

Kuthiwa ube esefuna imininingwane yasebhange kamama kaMapaputsi wangasho ukuthi uyifunelani.

Emuva kokwaziswa kweziphathimandla ngakho konke lokhu obekwenziwa umngani, amaphoyisa ebambisene nenhlangano elwisana nenkohlakalo kanye nomnyango wezemidlalo, ubuciko namasiko babe sebengenelela ukuze isidumbu sikaMapaputsi sigcine sibuyele emndenini kanye nawo onke amaphepha adingekayo.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.