OWE SKEEM SAAM UTHI NGEKE AKUMELE UKUMELWA UMQASHI
UMLINGISI odlala indawo kathishomkhulu uThobakgale ku-Skeem Saam esidlala ku-SABC 1, u-Elizabeth Serunye uthi uyolingisa aze afe njengoba engeke akumele ukutshelwa umqashi ozolokhu ethi akathathe ini, ayibekephi. Ekhuluma nephephandaba i-Daily Sun uthe uke wasebenza ezitolo kodwa kwamhlula ukungena emsebenini ekuseni aze aphume liyoshona.
“Ukulingisa kuyimpilo kimi. Ngiyahluleka ukuzibona ngenza enye into. Sengike ngazama ukusebenza ezitolo, kodwa kwangihlula ukusebenza amahora ayisishiyagalombili kunomuntu ongimele, olokhu engitshela ukuthi angithathe amaphepha ngiwabeke laphana”, kusho yena.
Lo mlingisi oneminyaka engamashumi amahlanu nantathu utshele leliphephandaba ukuthi akanandoda futhi akayidingi njengoba amadodana akhe esivala leso sikhala. Uthe ukubakhulisa eyedwa kumenze waba indoda naye uqobo.
“Ngathatha isinqumo sokuthi angisoze ngaba nendoda mangisakhulisa abafana bami. Ngazinqumela lokho”, kusho yena
Uqhubeke wathi indawo ayidlala ku-Skeem Saam ibambe iqhaza ekumenzeni lo muntu awuyena manje. “Isidima sendawo engiyidlalayo singenze ngakujwayela ukuba ngedwa, futhi ingithole ngivele ngisezinhlelweni zokukhulisa abafana bami”, kusho yena.
Ebuzwa ukuthi makungaqhamuka isesheli angasamukela yini uthe: “Empeleni nje singadlala. Angiyona ingelosi. Kodwa ngiyabonga kakhulu nginabayeni bami ababili u-Bobby no Spotty”, kusho yena
Ukhuthaze abantu abasha ukuthi befunde bengabi amavila. “Okokuqala kumele ube nesitifiketi sikamatikuletsheni ngoba Umalusi uwukhiye ovula yonke iminyango. Yazi into oyifunayo empilweni. Baningi ababiziwe kodwa bancane abakhethiwe”, kuphetha uSerunye.