Imibono

KHALA ZOME NGETHEKU ENGAKHULA NGILAZI

KULE mpelasonto ngike ngathola ithuba lokuba ngibe esifundazweni iKwazulu-Natali. Okungijabulisile ukuthi bangisendaweni engazalelwa kuyo futhi engingayifuniseli uma kufika emadolobheni akhona ehlukene. Okumnandi kakhulu ukuthi ngikhulele KwaMashu ngakho-ke ngiqonda kahle ukuthi abantu basuke bethini uma bekhala ngedolobha iTheku

Lena phela bekuyindawo ebesazi ukuthi iletha injabulo nentokozo. Ngiyakhumbula nje sisakhula umuntu ehamba engena umuzi nomuzi efuna umuntu onethikithi lesitimela lesonto. Lelo thikithi sasilisebenzisela ukugibela isitimela ngemigqibelo sibheke olwande. Sasize sisho uma sesisesitimeleni ukuthi siya ebhish’ Debhen’ thobhobh’ amakinati.

Lapho sasazi ukuthi siyokhangwa ubukhazikhazi bamalambu emishini ehlukahlukene eyayikhona ngaleso sikhathi. Uma ngingayibala impela kungaze kucishe wona lo mshini engibhala ngawo. Angiyiphathi-ke eyamaxhaphozi okubhukuda. Kwakuwuthelawayeka ungena kulelo olithandayo. Amaxhaphozi lawa ayehamba ngeminyaka, okusho ukuthi ngisho odado babekwazi nabo ukubhukuda lapho kufanele khona.
Namhlanje usaba nokusho kulabo abakulamayo ukuthi iTheku lake laba indawo enhle kanjani. Phela bavele bakuhleke usulu kwazise bona bazi kudayiswa izingingila nama yababa lonke ikhona leTheku leli.

Bona bazi idolobha eligcwele amaphara okungahanjwa kulona ngezinyawo ngoba uyokubona okwabonwa uSawulu eDamaseku. Lapho owawuthola khona abantu bedayisa izimpahla ezihlukene eziqhakambisa ubu-Afrika manje usuthola abantu abadayisa okuthile esingazi noma sekusemthethweni yini ukuthi kudayiswe.

Lokhu akufani nhlobo nabakubona emabholobheni afana noMhlanga ngoba lapho uhamba ukhululeke ngaphakathi. Angikuphathi-ke okobukhazikhazi bukulanda udlula kude le. Eyephara yona, ugcina ngokulifanisa nje.

Ngiyaphi nalenkuluma yami? Ngiyathemba nawe uyazibuza njengoba ufunda nje. Lapho engiya khona kusekutheni lifile idolobha iTheku futhi kosebenza imilingo ukulivusa. Engizibuza khona ukuthi kungani yonke into ethintwa yithi bantu abansundu yonakale.

Ngiyazi-ke usuzothi sengiyonile ngokufaka ibala. Uma usho njalo ngicela uke uqhathanise idolobha itheku nedolobha uMhlanga. Wonke la madolobha angaphansi komkhandu iTheku. Zibuze-ke ukuthi obani abaphethe kuphi obani abangaphethe kuphi.
Engikwaziyo nje impendulo nawe mfundi unayo kuyikho nje ukuthi kunezinto ezithunukalisa abantu uma sikhulunywa. OkaMashobane akashongo lutho ubemane ekleza nje kogwansile. Yobe uma kungukuthi uthelekile ngesikhathi ngimatasa ngizikholisa.
Le ndaba ibhalwe sakunkondloza ngenhloso. Kukuwe mfundi ukuba ujabulele ukunotha kolimi.

*USandile Khumalo ungumbhali wezincwadi zesiNguni, intatheli ezimele futhi wenza izifundo zobungatheli e-Wits University

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.