UKHULI CHANA UZOTHULELA U-AKA ISIGQOKO EMCIMBINI WE-DSTV
UMCULI we-rap odumile eNingizimu Afrika, uKhulani ‘Khuli Chana’ Morule uzohlonipha enye ingwazi ye-rap engasekho emhlabeni, u-Kiernan ‘AKA’ Forbes emcimbini we-DSTV Deliciuos Internationa Food & Music Festival ezoba ngomhlaka 21 Mandulo 2024.
Kulo mcimbi uChana uzogubha impilo neqhaza lika-AKA emculweni wakuleli. Into eyaziwayo ukuthi u-AKA wadutshulwa wafa ngonyaka odlule ku-Florida Road eThekwini ngmhlaka-10 Ndasa 2023. Lo mculi obedume umhlaba wonke ngezingoma zakhe ezithi Fela in Versace’ nethi ‘All Eyes on Me’ ubethandwa kakhulu emhlabeni wonke ngenxa yeqophelo lo mculo wakhe.
Ziningi izingoma ezingama-single abazikhiphe ndawonye uChana no-AKA esaphila kuhlanganisa nethi Baddest ababefake kuyona uYanga no-Burna Boy. Baphinda basebenza ndawonye engomeni ethi Prada ngo-2023.
UChana ubhale ekhasini le-Instagram ukuthi: “Kuyangithobisa ukuthi ngizodlala e-stage se @dstvdeliciousfestival ukugubha impilo ka-SUPA Mega @akaworlwide ngomhlaka-21 Mandulo. Kuzofiwa kakhulu.
Kulo mbhalo bekukhona i-video lapho uChana ethi ethi khona, “Ngizoyiphatha iJozi. Sengilinde isikhathi eside, ngizama ukuziqoqa. Ngizobe ngisezingena eliphezulu kakhulu”, kusho yena.
Ucele abantu abazothamela lo mcimbi ukuthi beqikelele ukuthi beza nomdlanda, baziphathe kahle futhi behambe nabantu abasezintweni”, kusho yena.
Kulo nyaka i-DStv Delicious Festival izobe igubha iminyaka engamashumi amathathu ye-Creative Freedom in South Africa. Lo mcimbi uzohlanganisa abantu bamasiko ehlukene futhi abayimisinsi engefani kodwa bonke bezojabulela umculo, ubuciko, imfashini nokudla kwezinga eliphezulu.