UBOSHWE NOMNDENI WAKHE USOMABHIZINISI WASETHEKWINI NGOKUQOLA R7.3M KWA-SARS
UBINGELELE inkantolo i-Durban Magistrate’s Court ngoLwesine usomabhizinisi waseThekwini, u-Thoshan Panday emuva kokuboshelwa icala lokukhwabanisela i-South African Revenue Service (SARS) imali engu-R7.3 million.
Ngokwe-Investigating Directorate Against Corruption (IDAC), u-Panday ubhekene namacala angamashumi amabili nesikhombisa enkohlakalo ethinta i-VAT, nentela okugcine kuholela ukuthi i-SARS ilahlekelwe izigidi zamarandi.
Okhulumela i-IDAC, u-Henry Mamothane uthe icala lihlehlele ukuba liqhubeke ngoMsombuluko, mhlaka-9 Mandulo 2024 ukuze afake isicelo se-bail ngokusemthethweni. Uthe uhlangothi lombuso lungase lisiphikise isicelo sakhe.
“Umbuso unezinsolo zokuthi u-Panday wayecosha ivenge kwizinkampani eziningi ezakhokhelwa imali engu-R47 million yi-South African Police Service (SAPS) njengoba yena wayenobudlelwane obunenkonhlakalo phakathi nabasebenzi abakhipha imisebenzi kulo mbutho. Le nkokhelo yenziwa ngomsebenzi owawenziwa ilezi nkampani embuthweni wamaphoyisa ngesikhathi kuqhubeka midlalo yendebe yomhlaba yebhola likanobhutshuzwayo ngo-2010”, kusho uMamothane.
U-Panday uyingxenye yabayisishiyagalolunye abasanda kuvela enkantolo i-Durban High Court njengoba bebhekene namacala okukhwabanisa nenkohlakalo. Yena ungaphandle nge-bail ka-R100 000 ngalelo cala, kanti abanye banikwa i-bail esukela ku-R5000 kuya phezulu.
Phakathi kwabanye aboshwe nabo, kubalwa namalungu omndeni wakhe njengoba kuboshwe nonina, u-Arvenda oneminyaka engamashumi ayisithupha nesishiyagalolunye (69), umkakhe u-Privisha Panday (45), udadewabo uKajal Ishwarkumar (37), umlamu wakhe u-Seveesh Maharaj (44), nomsizi wakhe u-Tasleem Rahiman (35).
UMamothane uthe ngaphezu kwaleli cala [u-Panday] aboshwe kulona namalungu omndeni wakhe, usephinde waboshelwa ukukhwabanisela umqoqi wentela.
Lokhu kulandela ukuhambisa amaphepha akokotelwe kwa-SARS ngesikhathi eletha imininingwanye yezinkampani abeziphethe, ezathola imali kwi-SAPS phakathi kuka-2010 no 2011. “Emuva kokuba i-IDAC iphenyisise ngokulandelwa nokugcinwa kwemithetho ye-SARS kulezi nkampani ebeziphethwe u-Panday ithole ukuthi imininingwane eyafakwa yizo yayingamanga.
“Kunezinsolo zokuthi i-SARS igcine ilahlekelwa imali engu-R7.3 million ngenxa yokulethwa kwemininingwane engamanga kuyona”, kusho uMamothane.