EZISEMATHENIIzindaba

I-SPOTIFY INQOBE INZUKAYIKEYI YECALA LOMBANGO WENKOKHELO NGEZINGOMA ZIKA-EMINEM

INKAMPANI edlala umculo ngobuchwepheshe i-Spotify igcine ilinqobile icala elafakwa ngo-2019 yinkampani ephethe izindaba zika-Eminem nomculo wakhe i-Eight Mile Style lokufaka umculo wakhe enkundleni yayo ngaphandle kwemvume.

I-Eight Mile Style ibisola i-Spotify ngokuhluleka ukulandela imithetho ebekiwe yokusetshenziswa kwezingoma zomculi. Ibifuna ukukhokhelwa imali engu-£30 million njengoba u-Eminem engatholanga lutho ngokudlalwa komculo wakhe kwi-Spotify, kakhulu ngezingoma ezithi ‘Lose Yourself’ nethi ‘Without Me’ ebezidlalwa kakhulu futhi ziyakhela imali eshisiwe.

IJaji enkantolo yase-Tennessee lithe alikho icala elizolithwesa i-Spotify ngokungamkhokheli u-Eminem noma kuvela ukuthi ibingagunyaziwe ukufaka izingoma zalo mculi enkundleni yayo.

Inkantolo ithe noma ngabe i-Spotify ibitholwa inecala lokungabi nalo igunya lokudlala izingoma zika-Eminem kodwa inkampani obekumele ihlawule i-Kobalt Music Group okuyiyona ebiqoqa imali yokudlalwa komculo ka-Eminem egameni lenkampani eqophayo i-Eight Mile Style.

Emaphepheni asenkantolo kuvele ukuthi i-Spotify isole i-Kobalt Music Group ngokuyikhohlisa yathi iyona ebhekene nomsebenzi wokudedela izingoma ezisohlwini (catalog) lwe-Eight Mile Style futhi iyona edlulisa imvume yokudlalwa kwezingoma ezisohlwini (licensing), iphinde yamukele imali yokudlalwa kwazo (royalties).

U-Eminem ukunombolo-12 kubaculi okudlalwa kakhulu izingoma zabo ku-Spotify emazweni onke omhlaba kwabangu-76 billion abakule nkundla.

Umthombo: BBC

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.