Izindaba

BAKHETHE UKUDUVA EZITOKISINI ABASOLWA NGOKUBULALA UDITEBOGO PHAHLANE (5)

BAKHETHE ukungasifaki isicelo se-bail abasolwa abathathu abavele enkantolo yasePitoli ngelokubulala uDitebo Phahlane. La basolwa baseSoshanguve okungo-Elia Moeko (36), Ali Sithole (30) noNido Gumbe (29) bakhethe ukuphinde bangasifaki futhi isicelo se-bail ngesikhathi bevele enkantolo kaMantshi yasePitoli.

La basolwa babhekene namacala anzima okubalwa kuwo icala lokubulala kanye nokubamba inkunzi. Ngaphezu kwalokho uGumbe, ongowokuzalwa eMozambique ubhekene nelinye icala lokuba kuleli ngokungemthetho.

Kuzokhumbuleka ukuthi mhla ziyishumi kuNhlaba kwaba nesigameko lapho okwadutshulwa khona uDitebogo Phahlane owayeneminyaka eyisihlanu. Kulesi sigameko abasolwa bavimba ubaba kamufi bemubamba inkunzi bamuphuca nemoto ayehamba ngayo yena nendodana yakhe.
Abasolwa laba batholakale esiteshini samaphoyisa i-Moot Police Station ngemuva kokuboshelwa amanye amacala. Lokhu kulandela uphenyo olunzulu lwamaphoyisa oluwaholele kubo abasolwa. Abasolwa laba basolwa ngohide lwamacala okubalwa kuwo ukubanjwa nesibhamu esingekho emthethweni.

Icala lihlehliselwe umhla zizine kuZibandlela kwephezulu ukuze kuphenywe kanzulu. Isinqumo sokuhlehlisa icala siphinde sabangwa nawukuthi kufanele kunikwe umqondisi wezokushushisa ukuba abheke ukuthi la macala ngeke yini ahlanganiswa aqulwe ndawonye.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.