Izindaba

UCHICCO TWALA UTHI AYIBOSHWE INDODANA YAKHE

UMCULI ophinde abe umdidiyeli wezingoma uSello ‘Chicco’ Twala uthi uncamela ukuthi indodana yakhe iboshwe kunokuthi ayibone ihlupheka emigwaqeni idla izidakamizwa. Ubekusho lokho engaphandle kwenkantolo i-Randburg Magistrate’s Court eGoli ngoMsombuluko lapho bekuvela khona amadodana akhe amabili ngecala lokweba imishini yokuqopha e-studio sakhe ngesikhathi yena esaye e-United States (US).

ULongwe nomfowabo baboshwe amaphoyisa emuva kokuba bentshontshe imishini yokuqopha engabiza imali engu-R200 000 e-studio sikababa wabo ngempelasonto. Kuthiwa lokhu bakwenze besadakwe izidakamizwa.

“Isenzo engisenzile manje ngisenze njengomzali onakekelayo. Indodana yami selokhu yaba nezinkinga ngezidakamizwa kusukela ineminyaka eyishumi nesikhombisa. Njengamanje ineminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalolunye kodwa kusafana nje. Akushintshi lutho. Uphila impilo yokungintshontshela, kuningi nje akwenzayo. Sengimuse ezikhungweni zokuhlumelelisa (rehab) umuntu ezingamashumi amathathu. Sizamile ukumsiza njengomndeni, sesizame konke esingakwenza kodwa umuntu wakhona akashintshi”, kusho uChicco.

UChicco uthe ngesikhathi udadewabo efika noLongwe ephuma e-rehab wamamukela emzini wakhe, wamhlalisa phansi nomfowabo waxoxa nabo ngokumele bakwenze empilweni ngaphambi kokuthatha uhambo oluya e-US.

“Ngaba nenguyazane nabo ngoba lona omunye uLongwe wayesanda kuphuma e-rehab. wayebukeka ekahle. Saxoxa, savumelana ngokuthi kufanele bagxile ezintweni ezibalulekile empilweni. Mdala manje, kufanele azinakekele futhi anake nebhizinisi esinalo. Wathembisa. Ngamamukela nami.

“Udadewethu wamletha kimi, wathi uselungile, ngamamukela nami.

“Ngabuya ngomhlaka-24 Ncwaba, ngathola ukuthi izinto zami eziningi azikho, kwayena wayengaziwa ukuthi ukuphi. Ilapho engathatha khona isinqumo sokuthi ngikhathele. Sekufike isikhathi sokuthi ngiqondise isimo, ngimlungise. Engangikufuna kakhulu ukuthi umthetho udlale indima yawo.

Kufakwa udaba lowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uChicco uthe ukholwa ukuthi indodana yakhe kayinacala.

“Ngalolo daba lecala likaSenzo Meyiwa, ngiyazi ukuthi akenzanga lutho. Ngiyamazi. Uyisela, futhi udla izidakamizwa kodwa okokudubula uSenzo umbhedo, noma yini nje eshiwo abantu. Ngiyazi wayengeke akwenze lokho.

“Isikhathi esiningi uhlale esemgwaqeni. Kungani kufanele ngimyekele ahlelele ukuhlupheka emgwaqeni? Ngincamela ukuthi ahlale khona ejele kunokuthi ngimbone elokhu ehlupheka emgwaqeni”, kusho uChicco.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.