KUBE USIZI KUDLULA EMHLABENI INGANE (2) KA GOGO SKHOTHENI
BAZWAKALISE ubuhlungu asebedlule kubona abazali bakaMonde Junior. oshone ngoMsombuluko ngabo-15:00 ngoMsombuluko ntambama esibhedlela i-Busamed Modderfontein Private Hospital
Lokho kuvele esitatiemendeni abasikhiphe ngokuhlanganyela uTumi ‘Gogo Skhotheni’ Motsoeneng nomyeni wakhe uMonde Shange.
“UMonde ushone ngabo-15:00 ngoMsombuluko ntambama, mhlaka-2 Mandulo 2024”, kusho isitatimende. UMonde selokhu wagula ezalwa, impilo yakhe yonke uyihlale esibhedlela njengoba wazalwa engenawo ungudu ohambisa ukudla esiswini. Usehlinzwe amahlandla odokotela kuzanywa ukuthi isimo sakhe sibe ngcono futhi esebenzisa umshini ukuthi ukuya kuye esiswini kodwa kube nhlanga zimuka.
“Umndeni ucela ukunikwa ithuba ukuba wamukela lokhu kulahlekelwa nosizi obhekene nalo. Sizela ukuba nisiqonde isimo umndeni okuso ngokuthi niwunike ithuba olidingayo ngalesikhathi esinzima kangaka.
“Amahubo 23:4 ayasikhumbuza ukuthi: ‘Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa angiyukwesaba ukufa; ngokuba yena unami; intongo yakhe nodondolo lwakhe kuyangiduduza”.
“Udokotela wakhe uDkt. Frank ube usizo kakhulu, ubesetholana kahle nendodana yami futhi wenze omkhulu umsebenzi. Kube uhambo olunzima kithi sonke njengomndeni kodwa bekumele iqhubeke. Wazalwa engenawo umgudu ohambisa ukudla esiswini, manje lokho kuphoqe ukuthi ahlale ngokuhlinzwa.
“Odokotela bazame konke ukuqinisekisa ukuthi uyakwazi ukudla, kodwa bahlulekile ngakho bagcine sebemfaka ipayipi futhi esebenzisa umshini ukuze akwazi ukudla”, kusho uGogo Skhotheni.